ngokuba ningenzele nonke ugobe , akwababikho ongitshelileyo lapho indodana yami yenza isivumelwano nendodana kaJese , akwababikho kini ongidabukelayo nongitshelayo ukuthi indodana yami ingivusele inceku yami ukuba ingiqamekele njenganamuhla.
Inkosi u-Asa yayisibiza wonke uJuda , akwababikho owayenokuzilandulela, basusa amatshe aseRama nemithi yalo uBahasha ayakhe ngakho; inkosi u-Asa yakha ngakho iGeba lakwaBenjamini neMispa.
Bachithile igazi labo njengamanzi nxazonke zeJerusalema, akwababikho obembelayo.
Isandla sami sifumene imfuyo yabantu njengesidleke, nanjengalokhu umuntu ebutha amaqanda ashiyiwey o ngibuthile wonke umhlaba , akwababikho oshaya phiko, novula mlomo, notshiyozayo.