Skip to Content

"akwenzayo"

42 occurrences in ZUL

Umlindi wetilongo akabanga esabheka lutho olusesandleni sakhe , ngokuba uJehova wayenaye, nalokho akwenzayo uJehova wakuphumelelisa.

Ngiyazi ukuthi konke akwenzayo uNkulunkulu kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kukho , futhi akukho okungasuswa kukho . UNkulunkulu ukwenzile ukuba abantu besabe phambi kwakhe.

noma, lapho ethola into elahlekileyo , eyiphika, afunge amanga , noma yikuphi kukho konke lokhu umuntu akwenzayo one ngakho,

Lezo ziyizimiso nezahlulelo nemithetho akwenzayo uJehova phakat hi kwakhe nabantwana bakwa-Israyeli entabeni yaseSinayi ngesandla sikaMose.

Khumbula akwenzayo uJehova uNkulunkulu wakho kuMiriyamu endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe.

UMose wabiza bonke abakwa-Israyeli, wathi kubo: Nibonile konke uJehova akwenzayo phambi kwamehlo enu ezweni laseGibithe kuFaro , nakuzo zonke izinceku zakhe, nakulo lonke izwe lakhe:

Bathi kuye : Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaJehova uNkulunkulu wakho , ngokuba siluzwile udumo lwakhe , nakho konke akwenzayo eGibithe,

U-Eli wayesemdala kakhulu , wezwa konke amadodana akhe akwenzayo ku-Israyeli wonke, nokuthi ayelala nabesifazane ababekhonza ngasemnyango wetende lokuhlangana.

Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Ngiyakuhambela umAmaleki ngalokho akwenzayo ku-Israyeli wamelana naye endleleni ekukhuphukeni kwakhe eGibithe.

Futhi wena uyazi okwenziwayo kimi nguJowabe indodana kaSeruya , nalokho akwenzayo kuzo izinduna ezimbili zezimpi zak wa-Israyeli, o-Abineri indodana kaNeri no-Amasa indodana kaJetheri, owababulala, wachitha igazi lokulwa ngesikhathi sokuthula , wabeka igazi lokulwa kulo ibhande lakhe elalisokhalweni lwakhe nasezicathulweni zakhe ezazisezinyaweni zakhe.

Wamelana no -Israyeli zonke izinsuku zikaSolomoni phezu kokubi akwenzayo uHadadi, wanengwa ngu-Israyeli, wabusa e-Aramu. Isiprofetho sika-Ahiya

Ezinye izindaba zikaSolomoni , nakho konke akwenzayo, nokuhlakanipha kwakhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zikaSolomoni.

Ezinye izindaba zikaRehobowamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa -Israyeli na?

Ezinye izindaba zika-Abiyamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na ? Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abiyamu noJerobowamu.

Zonke ezinye izindaba zika -Asa, nawo onke amandla akhe , nakho konke akwenzayo, nemizi ayakhayo , angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na ? Ngesikhathi sobudala bakhe wayenesifo ezinyaweni zakhe.

Ezinye izindaba zikaNadabi nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

Ezinye izindaba zika -Ela nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

Ezinye izindaba zika -Ahabi, nakho konke akwenzayo , nendlu yezimpondo zendlovu ayakhayo , nayo yonke imizi ayakhayo , angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

Ezinye izindaba zikaJoramu nakho konke akwenzayo an githi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

Ezinye izindaba zikaJehu , nakho k onke akwenzayo , nawo onke amandla akhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

Ezinye izindaba zikaJehowahazi , nakho konke akwenzayo , namandla akhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa - Israyeli na?

Ezinye izindaba zikaJowashi , nakho konke akwenzayo , namandla akhe alwa ngawo no-Amasiya inkosi yakwaJuda , angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

Ezinye izindaba zikaJerobowamu , nakho konke akwenzayo , namandla akhe, nokulwa kwakhe , nokubuyisela kwakhe ku -Israyeli iDamaseku neHamati elalingelakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

Ezinye izindaba zika -Azariya nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

Ezinye izindaba zikaMenahemu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

Ezinye izindaba zikaPhekaya nakho konke akwenzayo , bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.

Ezinye izindaba zikaPheka nakho konke akwenzayo , bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.

Ezinye izindaba zikaJothamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

Ezinye izindaba zikaManase , nakho konke akwenzayo , nesono sakhe ona ngaso, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

Ezinye izindaba zikaJosiya nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Ukufa kukaJosiya

Ezinye izindaba zikaJehoyakimi nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi , othela isithelo sawo ngesikhathi sawo , oqabunga lawo lingabuni , nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.

Ngiyazi intukuthelo yakhe , usho uJehova; amacebo akhe ayinkohliso , nalokhu akwenzayo kuyinkohliso.

Wayesethi kimi : Ndodana yomuntu , uyabona yini akwenzayo amalunga endlu yakwa -Israyeli ebumnyameni , kube yilelo nalelo ekamelweni lalo lezithombe, na? Ngokuba athi: UJehova akasiboni, uJehova ulishiyile izwe.

Wathi kubo : Anifundanga yini akwenzayo uDavide msukwana elambile kanye nababe naye

Wathi kubo : Anizange nifunde yini akwenzayo uDavide mhla eswele , elambile yena nababe naye

naseJerusalema, nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani , nangaseTire, naseSidoni; isixuku esikhulu sesizwile konke akwenzayo seza kuye.

Kuthe-ke ukuba afike eGalile , abaseGalile bamamukela bebone konke akwenzayo eJerusalema emkhosini; ngokuba nabo babezile emkhosini. Ukuphiliswa kwendodana yenduna yaseKapernawume

Khona uJesu waphendula , wathi kubo: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : INdodana ingenze lutho ngokwayo , kuphela lokho ebona uYise ek wenza, ngokuba lokho akwenzayo yena, neNdodana iyakwenza kanjalo.

Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana , uyikhombisa konke akwenzayo yena; woyikhombisa imisebenzi emikhulu kunalena ukuba nimangale.

Konje umthetho wakithi uyamlahla yini umuntu ungakamuzwa kuqala, uze wazi akwenzayo, na?

nazi ukuthi konke okuhle yilowo nalowo akwenzayo , uzakukwamukela okunjalo eNkosini, noma eyinceku noma engokhululekileyo.