Skip to Content

"alikho"

13 occurrences in ZUL

Aniyikungcolisa izwe enikulo , ngokuba igazi liyalingcolisa izwe ; alikho ihlawulo lezwe ngegazi elichithakele kulo, kuphela ngegazi lolichithile.

Akakho ongcwele njeng oJehova, ngokuba akakho noyedwa ngaphandle kwakho; futhi alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.

Ngokuba singabafokazi phambi kwakho nezihambi njengabo bonke obaba ; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho.

Abukho ubumnyama , nethunzi lokufa alikho , lapho abenza okubi bengacasha khona.

Ngokuba alikho iqiniso emlonyeni wabo ; izibilini zabo zingukonakala : umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.

Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova, ongalaziyo ngokupheleleyo.

Ningesabi, ningabi naluvalo; angithi ngikuzwisile kusukela endulo , ngakumemezela, na? Nina ningofakazi bami . Kukhona uNkulunkulu ngaphandle kwami na? Cha, alikho iDwala; angilazi. Izithombe

Ibhalisamu alikho kwaGileyadi na ? Inyanga ayikho lapho na ? Pho, ayipheleliswa ngani impilo yendodakazi yabantu bami na?

Ayikho insindiso ngomunye , ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.

ngokuba uma ifa likhona ngomthetho, alikho ngesithembiso ; kepha uNkulunkulu umnikile lona u-Abrahama ngesithembiso.

Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi.

Uma sithi asonanga, simenza umqambimanga, nezwi lakhe alikho kithi.

Lowo othi: Ngiyamazi, engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, iqiniso alikho kuye;