Ngasho kumaLevi ukuba azihlambulule , eze, alinde amasango, angcwelise usuku lwesabatha. Ngalokho ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungihawukele ngokobuningi bomusa wakho.
Kunjengomuntu owahambela kwelinye izwe ; washiya indlu yakhe , wanika izinceku zakhe amandla , yileyo naleyo wayinika umsebenzi wayo , wayala umlindisango ukuba alinde.