Ukubhonga kwengonyama nezwi lebhubesi kuyaphela , namazinyo amabhongo ayaphuka.
Amabhongo ezingonyama ayaswela , alambe, kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.
Amabhongo ezingonyama abhongile phezu kw akhe, akhonya, alenza izwe lakhe laba yincithakalo; imizi yakhe ishisiwe, kungekho owakhe kuyo.
Ingonyama yadwengula okwanele amabhongo ayo , yabindela izingonyamakazi zayo ; yagcwalisa imiphandu yayo ngempang o nemigede yayo ngengcugco.
Bheka, ngimelene nawe , usho uJehova Sebawoti ; ngiyakushisa izinqola zakho emsini , inkemba idle amabhongo akho ezingonyama ; ngiyakunquma impango yakho emhlabeni, nezwi lezithunywa zakho alisayikuzwakala.