Skip to Content

"amacebo"

24 occurrences in ZUL

Uyabona konke ukuphindisa kwabo nawo onke amacebo abo ngami.

Uyezwa inhlamba yabo, Jehova, nawo onke amacebo abo ngami,

Ocabanga ukwenza okubi uyakubizwa ngokuthi owenza amacebo.

Bheka, lokhu kuphela ngikufumene ukuthi uNkulunkulu wamenza umuntu waba qotho, kepha bona bafunile amacebo amaningi.

Uyachitha amacebo abanobuqili , ukuze izandla zabo zi ngabi nakufeza umgomo wabo.

Thula ph ambi kukaJehova , ulindele yena ; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu osongoza amacebo amabi.

Ulimi lwakho lusongoza okubi njengempuco eloliweyo , wena owenza amacebo.

Ungazivumeli, Jehova, izifiso zababi; ungaphumelelisi amacebo abo , funa baziphakamise. Sela

Umoya wakhe uyaphuma , yena abuyele emhlabathini wakhe ; ngalona lolo suku amacebo akhe ayaphela.

Amacebo amabi ayisinengiso kuJehova , kepha amazwi acwebileyo ayamenamisa.

Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu , kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.

Amacebo onke ayaqiniswa ngokululekana; yilwa impi ngamasu.

Izikhali zomkhohlisi zimbi ; uhlela amacebo amabi , ukuze achithe izihlupheki ngamazwi amanga, nalapho ompofu ekhuluma ngokufaneleyo.

Othandiweyo wami unani endlini yami lapho enza amacebo nabaningi na? Inyama engcwele ingavela kuwe, lokhu ujabula ngokwenza okubi, na?

Kepha mina nganginjengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni ; ngangingazi ukuthi bangicebela amacebo , bethi: Masiwuchithe umuthi kanye nezithelo zawo, simnqume ezweni labaphilayo, igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.

Kepha bathi : Kuyize, ngokuba siyakulandela amacebo ethu , senze, kube yilowo nalowo ngenkani yenhliziyo yakhe embi.

Base bethi : Wozani simcebele uJeremiya amacebo, ngokuba umthetho awuyikuphela kumpristi, nesu kohlakaniphileyo, nezwi kumprofethi, sihambe simshaye ngolimi, singaqapheli nelilodwa lamazwi akhe.

Ngiyazi intukuthelo yakhe , usho uJehova; amacebo akhe ayinkohliso , nalokhu akwenzayo kuyinkohliso.

Balekani, nizulazulele kude, nihlale ezigoxini nina bakhileyo eHasori, usho uJehova, ngokuba uNebukadinesari, inkosi yaseBabele wenze amasu ngani , waceba amacebo ngani.

Umhlaba uyathuthumela , uqhaqhazele, ngokuba amacebo kaJehova ngeBabele em i okuba enze izwe laseBabele libe yincithakalo , kuze kungabikho ohlala khona.

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Kuyakuthi ngalolo suku kuvele izinto enhliziyweni yakho, ucebe amacebo amabi.

Ngesikhathi sokuthula uyakusukela izindawo ezinonileyo zesifunda , akwenze okungenziwanga ngoyise nangoyisemkhulu : uyakuhlakaza phakathi kwabo impango , nengcugco, nempahla, acebe amacebo ngezinqaba kube yisikhathi.

Uyakuvusela inkosi yasenin gizimu amandla akhe nesibindi sakhe ngempi enkulu, inempi enkulu enamandla impela ; kepha ayiyikuma , ngokuba bayakuceba amacebo ngayo.

ukuze singehlu lwa nguSathane ; ngokuba asisibo abangawazi amacebo akhe. Uyabongeka uNkulunkulu onqobisa ngevangeli