Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri , ekusukeni kwakho ezweni lakwa- Edomi umhlaba wazamazama, namazulu aconsa, yebo, amafu aconsa amanzi.
Wenza ubumnyama bub e ngamadokodo amphahlayo , amanzi aqoqane , amafu abe nzima.
Ngiyakusenza sibe yincithakalo ; asiyikuthenwa, asiyikulinywa, kepha kuyakuvela amakhakhasi nameva ; futhi ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.
Uma amafu egcwele imvula , ayayithulula emhlabeni ; futhi uma kuwa umuthi ngaseningizim u noma ngasenyakatho, endaweni lapho uwa khona umuthi, uyakuba lapho.
Oqaphela umoya akayikuhlwanyela; obheka amafu kayikuvuna.
Amafu ayamsibekela ukuze angaboni; uyahamba esiyingelezini sezulu.
Bheka ngasezulwini, ubone, uqaphele amafu aphakeme kunawe.
amafu awenza ukuba aconse, awathele phezu kwabantu abaningi.
Yebo, uyathwesa amafu ngokuswakama; uyeneka amafu onyazi lwakhe.
lapho ngabeka amafu aba yisambatho salo , nesigayegaye saba yimbeleko yalo,
Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha , ngubani ongathulula izimvaba zasezulwini,
Ubumnyama wabenza isisibekelo , idokodo lakhe elimphahlayo ; amanzi amnyama, amafu anzima.
Ekukhazimuleni okuphambi kwakh e amafu akhe abanga phambili , isichotho namalahle avuthayo.
Amafu athela amanzi, izulu laduma, imicibisholo yakho yaphuma.
Nokho wayala amafu phezulu, wavula iminyango yezulu,
Amafu nobumnyama kuyamphahla ; ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.
obeka imishayo yezindlu zakhe emanzini, owenza amafu abe yinqola yakhe, ohamba ngamaphiko omoya;
Consani, mazulu, phezulu, amafu athuntulule ukulunga ; umhlaba mawuvuleke, kuthelwe ukusindiswa, kumile nokul unga; mina Jehova ngikudalile.
Yeka ukwembesa kweNkosi indodakazi yaseSiyon i amafu ngentukuthelo yayo. Uphonsile ubuhle buka -Israyeli emhlabeni busuke ezulwini , angasikhumbulanga isenabelo sezinyawo zayo ngosuku lwentukuthelo yayo.