Ngokuba umuzi obiyelweyo uyize , nekhaya limukelwe , lishiyiwe njengehlane; ithole liyakuklaba khona , libuthise khona , lidle, liqede amahlamvu awo.
Iningi lesixuku lendlala izingubo zalo endleleni , kepha abanye bagawula amahlamvu emithini, bawendlala endleleni.
Abaningi bendlala izingubo zabo endleleni , abanye amahlamvu ababewagawule endle.
bathatha amahlamvu esundu, baphuma ukumhlangabeza. Bamemeza bathi: Hosiyana! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi, yebo, iNkosi ka-Israyeli.
Emva kwalokho ngabona , bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa muntu, sivela kuzo zonke izizwe , nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu , sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso,