Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini: ukuthukulula izibopho zobubi nokuxegisa imichilo yejoka ; ukukhulula abacindezelwayo nokwaphula onke amajoka na?
Hamba usho kuHananiya , uthi: U sho kanje uJehova , uthi: Uwaphulile amajoka omuthi, kepha uyakwenza amajoka ensimbi esikhundleni sawo.
EThehafenehesi usuku luyakuba mnyama , lapho ngaphula khona amajoka aseGibithe, nokukhukhumala kwamandla kuyakuphela kulo ; lona-ke, ifu liyakulisibekela, namadodakazi alo ayakuya ekuthunjweni.