"amalunga"
73 occurrences in ZUL
Hamba ubuthe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka -Abrahama noka -Isaka nokaJakobe , ubonakele kimi, wathi: Nginihambele nokuniha mbela, ngibonile okwenziwa kini eGibithe.
UMose wayesebiza amalunga akwa -Israyeli, wathi kuwo : Hambani nizithathele amawundlu ngokwemindeni yenu, nihlabe iphasika.
UJehova wathi kuMose: Dlulela phambi kwabantu, uthathe amalunga akwa- Israyeli; nenduku yakho owashaya ngayo umfula , yiphathe ngesandla sakho, uhambe.
Bheka, ngiyakuma phambi kwakho edwaleni laseHorebe ; uzakushaya itshe, kuphume amanzi kulo , abantu baphuze . Wenze njalo uMose emehlweni amalunga akwa-Israyeli.
UJetiro umukhwe kaMose wamthathela uNkulunkulu umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; weza u -Aroni kanye nawo onke amalunga akwa -Israyeli ukuyokudla nomukhwe kaMose phambi kukaNkulunkulu. Abahluleli bamiswa kwa-Israyeli
Amalunga enhlangano ayakubeka izandla zawo enhloko yenkunzi phambi kukaJehova, inkunzi ihlatshwe phambi kukaJehova.
Uma ungiphatha kanje , ake ungibulale nokungibulala , uma ngifumene umusa emehlweni akho; mangingaluboni usizi lwami. Amalunga angamashumi ayisikhombisa
UJehova wakhuluma kuMose , wathi: Ngibuthele amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga akwa-Israyeli, owaziyo ukuthi angamalunga abantu nezinduna zabo, uwalethe etendeni lokuhlangana ukuba eme khona nawe.
UMose waphuma, wabatshela abantu amazwi kaJehova; wabutha amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga ab antu, wawamisa ngasetendeni nxazonke.
Amalunga akwaMowabi namalunga akwaMidiyani asuka enenkokhelo yokubhula esandleni sawo ; ayesefika kuBileyamu , akhuluma kuye amazwi kaBalaki.
kuyakufika amalunga akho nabahluleli bakho , balinganise amabanga okuya emizini emzungezayo obuleweyo,
kuze ku thi umuzi oseduze nobuleweyo , amalunga alowo muzi athathe isithokazi ezinkomeni okungasetshenzwanga ngaso, singadonsanga ejokeni,
amalunga alowo muzi asehlisele leso sithokazi esigodini esinamanzi ampompozayo, esingalinywanga, singatshalwanga, ayaphule in tamo yesithokazi lapho esigodini;
onke amalunga alowo muzi oseduze nobuleweyo ayakuhlamba izandla zawo phezu kwesithokazi esaphulelwe intamo esigodini,
Ngibuthele onke amalunga ezizwe zenu nezinduna zenu ukuba ngikhulume lawa mazwi ezindlebeni zazo, ngifakazise izulu nomhlaba ngazo.
Ngakho ngiyawancenga amalunga aphakathi kwenu mina engiyilunga kanye nawo , nofakazi wezinhlupheko zikaKristu , nomhlanganyeli wenkazimulo ezakwambulwa, ngithi:
Amalunga ethu nabo bonke abakhileyo ezweni lakithi bakhuluma kithi , bathi: Phathani ezandleni zenu umphako wendlela , niye nibahlangabeze , nithi kubo: Siyizinceku zenu; manenze isivumelwano nathi.
uJoshuwa wabiza wonke u -Israyeli, amalunga akhe , nezinhloko zakhe , nabahluleli bakhe, nezinduna zakhe, wathi kubo: Sengimdala ngineminyaka eminingi;
UJoshuwa wab utha zonke izizwe zakwa -Israyeli eShekemi , wabiza amalunga akwa -Israyeli, nezinhloko zakhe , nabahluleli bakhe , nezinduna zakhe, bema phambi kukaNkulunkulu.
Wayesebamba amalunga omuzi , nameva asehlane , namazinyo ezinqola zokubhula, wagalela ngawo abantu baseSukoti.
Bathi abantwana bakwa-Amoni belwa no-Israyeli, amalunga akwaGileyadi aya amlanda uJefta ezweni laseThobi.
Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta: Sibuyele kuwe manje ngalokhu ukuba uhambe nathi, ulwe nabantwana bakwa -Amoni, ube yinhloko phezu kwabo bonke abakhe kwaGileyadi.
Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta : UJehova makabe ngufakazi wethu ; impela siyakwenza njengezwi lakho.
Amalunga enhlangano ayesethi : Siyakwenze njani ukuba abaseleyo babe nabafazi, lokhu abesifazane bechithiwe kwaBenjamini, na?
Kwathi abantu bengena ekamu , amalunga akwa -Israyeli athi : UJehova usibulaleleni phambi kwamaFilisti na ? Masithathe umphongolo wesivumelwano sikaJehova eShilo , siwulethe kithi , ufike phakathi kwethu , usisindise esandleni sezitha zethu.
Amalunga aseJabeshi athi kuye : Siyeke izinsuku eziyisikhombisa ukuba sithume izithunywa emikhawulweni yonke yakwa -Israyeli; uma kungekho osisindisayo, siyakuphumela kuwe.
USamuweli wenza lokho akushoyo uJehova , waya eBetlehema . Amalunga omuzi amhlangabeza ethuthumela, athi: Ukufika kwakho kunokuthula na?
Kwase kufika onke amalunga akwa -Israyeli enkosini eHebroni ; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova ; amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.
Amalunga endlu yakhe asuka aya kuye ukumvusa emhlabathini , kepha akavumanga, futhi kadlanga kudla nawo.
Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa -Israyeli nezinhloko zezizwe , izikhulu zawoyise babantwana bakwa -Israyeli enko sini uSolomoni eJerusalema, ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni.
Inkosi yakwa-Israyeli yayisibiza onke amalunga ezwe , yathi: Ake niqaphele, nibone ukuthi lowo muntu ufuna okubi , ngokuba wathumela kimi ngawomkami, nangabantwana bami , nangesiliva lami , nangegolide lami , angimnqabelanga.
Amadoda omuzi wakubo, amalunga nabakhulu ababehlala emzini wakubo, enza njengokuthumela kuka-Izebeli kuwo nanjengokulotshiweyo ezincwadini ayezithume kuwo.
Kwase kufika onke amalunga akwa -Israyeli enkosini eHebroni ; uDavide wenza isivumelwano nawo eHe broni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide ukuba abe yinkosi kwa -Israyeli njen gezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli.
Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa -Israyeli, nazo zonke izinhloko zezizwe, izikhulu zawoyise babantwana bakwa -Israyeli eJerusalema ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni.
Ngcwelisani ukuzila ukudla , nibize umhlangano; buthani amalunga, yebo, bonke abakhe ezweni , endlini kaJehova uNkulunkulu wenu , nikhale kuJehova.
Amalunga abaJuda ayesakha , aba nempumelelo ngokuprofetha kukaHagayi umprofethi noZakariya indodana ka -Ido. Akha, aqeda njengokwesiyalezo sikaNkulunkulu ka -Israyeli, nanjengokwesiyalezo sikaKoresi, noDariyu, no-Aritahishashita, inkosi yasePheresiya.
Washo kanje uJehova , wathi: Hamba uzithengele uphiso lwebumba lombumbi, uthathe amanye amalunga abantu namanye amalunga abapristi,
Amalunga endodakazi yaseSiyoni ahlezi emhlabathini, athule; athele uthuli emakhanda awo , abhince indwangu yamasaka . Izintombi zaseJerusalema zithobisela phansi amakhanda azo.
Ingozi iyakwelanywa yingozi , umbiko ulandele umbiko ; bayakufuna umbono womprofethi , kepha umthetho uyakuphela kumpristi nesiluleko kuwo amalunga.
Kwathi ngomnyaka wesithupha ngenyanga yesithupha ngolwesihlanu lwenyanga lapho ngihlezi endlini yami , amalunga akwaJu da ehlezi ngaphambi kwami, isandla seNkosi uJehova sawela lapho phezu kwami.
Wayesethi kimi : Ndodana yomuntu , uyabona yini akwenzayo amalunga endlu yakwa -Israyeli ebumnyameni , kube yilelo nalelo ekamelweni lalo lezithombe, na? Ngokuba athi: UJehova akasiboni, uJehova ulishiyile izwe.
Kwathi ngomnyaka wesikhombisa , ngenyanga yesihlanu , ngolweshumi lwenyanga kwafika amadoda athile amalunga akwa -Israyeli ukuba abuze kuJehova; ahlala phambi kwami.
Amalunga aseGebali nezihlakaniphi zal o babe ngaba vimbi zimfa bakho kuwe. Yonke imikhumbi yaselwandle namatilosi ay o babe kuwe ukuba bathengise ngempahla yakho.
Kwathi sekusile, kwabuthana amalunga abantu nabapristi abakhulu nababhali, bamyisa emphakathini wabo,
Sebebakhethele amalunga amabandla ngamabandla , bakhuleka bezila ukudla, babanikela eNkosini asebekholwa yiyo.
Uma owesifazane okholwayo enabafelokazi , makabasize, ibandla lingasindwa, ukuze lisize abafelokazi boqobo. Amalunga afanele ukondliwa yibandla
Amalunga aphatha kahle akuthiwe afanele ukutuswa ngokuphindiweyo , ikakhulu lawo akhuthalela izwi nokufundisa.
Ngakushiya eKrethe ngenxa yalokhu ukuba uhlele okusaseleyo , umise amalunga emizini yonke, njengokuba ngakuyala,
Kukhona ogulayo phakathi kwenu na ? Makabize amalunga ebandla , amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi.
Ngokunjalo, nina basha , thobelani amalunga ; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.
Nesihlalo sobukhosi sasihaqiwe yizihlalo zobukhosi ezingamashumi amabili nane, naphezu kwezihlalo zobukhosi kwakuhlezi amalunga angamashumi amabili nane , embethe izingubo ezimhlophe , enemiqhele yegoli de emakhanda awo.