Manje lalela izwi labo , ugamele nokugamela kubo kuphela , ubatshele amalungelo enkosi eyakubusa phezu kwabo.
Wathi: Nanka amalungelo enkosi eyakubusa phezu kwenu : iyakuthatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahhashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo;
USamuweli wayesebatshela abantu amalungelo ombuso , wawaloba encwadini, wayibeka phambi kukaJehova . USamuweli wamukisa bonke abantu, yilowo nalowo waya ekhaya lakubo.