Skip to Content

"amanga"

114 occurrences in ZUL

Ngokuba enhliziyweni kuvela izizindlo ezimbi , ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza.

Ungafakazi amanga ngomakhelwane wakho.

noma, lapho ethola into elahlekileyo , eyiphika, afunge amanga , noma yikuphi kukho konke lokhu umuntu akwenzayo one ngakho,

noma yi kuphi afungile amanga ngakho ; makakubuyise, athasisele okwesihlanu kukho, amnike lowo okungokwakhe ngosuku lomnikelo wakhe wecala.

Ningebi, ningakhohlisani, ningaqambelani amanga.

Ningafungeli igama lami amanga, uze uhlambalaze igama likaNkulunkulu; nginguJehova.

uNkulunkulu akasiye umuntu ukuba aqambe amanga, nandodana yomuntu ukuba azisole ; ushilo, angayikukwenza, na? Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na?

ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe,

Ungafakazi amanga ngomakhelwane wakho.

abahluleli baphenyisise; bheka, uma ufakazi engufakazi wamanga ofakazile amanga ngomfowabo,

U-Israyeli wonile, yebo, beqile isivumelwano sami engabayala ngaso, yebo, bathathile nakukho okuqalekisiweyo , futhi bebile , baqambile amanga , bakubeka kweyabo impahla.

Wayesethi uDelila kuSamsoni : Bheka, udlale ngami , wangitshela amanga; ake ungitshele manje ukuthi ungaboshwa ngani.

UDelila wayesethi kuSamsoni: Kuze kube manje udlale ngami , wangitshela amanga; ngitshele ukuthi ungaboshwa ngani . Wathi kuye: Uma weluka amagoda ayisikhombisa ekhanda lami nezintambo zakho zokwelukwa.

IThemba Lika -Israyeli aliyikuqamba amanga , lizisole, ngokuba alisiye umuntu ukuba lizisole.

Umuntu ofakazela amanga ngomakhelwane wakh e uyisando, nenkemba, nomcibisholo obukhali.

Wayesethi kuye : Nami ngingumprofethi njengawe ; kwakhuluma kimi ingelosi ngezwi likaJehova ngokuthi: Mbuyise, uye naye endlini yakho ukuba athole ukudla, aphuze amanzi. Kodwa waqamba amanga kuye.

Wathi: Ngalesi sikhathi ngomnyaka ozayo uyakusingatha indodana. Wathi: Hhayi, nkosi, wena muntu kaNkulunkulu , ungaqambi amanga encekukazini yakho.

Kepha zathi : Amanga; ake usitshele . Wayesethi: Wakhuluma kimi ukuthi nokuthi, ethi: U sho kanje uJehova , uthi: Sengikugcobile ube yinkosi kwa- Israyeli.

Maye kubo, ngokuba bangibalekele! Makube ngukuchithwa kubo, ngokuba baphambukile kimi ! Bengiyakubahlenga min a labo abakhulume amanga ngami na?

Manje, qalani ukungibuka; kuyakuba sobala, uma ngiqamba amanga.

Impela amazwi ami awasiwo amanga; unawe ophelele ekwazini.

Madodana abantu , koze kube nini ubukhosi bami budunyazwa na ? Koze kube nini nithanda okuyize, nifuna amanga, na? Sela

Uyabhubhisa abakhuluma amanga ; uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nowenkohliso.

Unemihelo ngobubi; ukhulelwe ngukona, uzala amanga.

Bakhuluma amanga , kwaba yilowo nalowo kumakhelwane wakhe ; ngezindebe ezithophayo bakhuluma nganhliziyombili.

Nalapho kuza ozongibona , ukhuluma amanga ; inhliziyo yakhe izibuthela ukonakala, abesephuma akhulume ngakho.

Ababi bahlubuka kwasesizalweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini.

Yebo, bathunga icebo lokumwisa ekuphakameni kwakhe, bathanda amanga; bayabusisa ngomlomo wabo, kepha ezibilinini zabo bayaqalekisa. Sela

Kepha inkosi iyakuthokoza ngoNkulunkulu ; bonke abafunga yena bayakuzibonga; ngokuba umlomo wabakhuluma amanga uyakuvalwa.

Kepha bamthopha ngomlomo wabo, baqamba amanga kuye ngolimi lwabo;

Ngafunga kanye ubungcwele bami, angiyikuqamba amanga kuDavide.

Osebenza ukukhohlisa akayikuhlala endlini yami ; okhuluma amanga akayikuma phambi kwamehlo ami.

Abazidlayo baqamba amanga ngami; ngenhliziyo yonke yami ngiyakugcina iziyalezo zakho.

Amanga ngiyawazonda, ngiyawenyanya; umthetho wakho ngiyawuthanda.

Olungileyo uyazonda amazwi amanga , kepha omubi ubanga amahloni , ahlazise.

Ufakazi oqinisileyo akaqambi amanga , kepha ufakazi ongaqinisile uyaphafuza amanga.

Ufakazi oqinisileyo uyophula imiphefumulo , kepha ophafuza amanga unenkohliso.

Ufakazi wamanga akayekwa, nophafuza amanga akayikusinda.

Ufakazi wamanga akayekwa, nophafuza amanga uyakubhubha.

Ilunga nophakemeyo bayikhanda, nomprofethi ofundisa amanga ungumsila.

Ngiyakusiphumisa, usho uJehova Sebawoti , S ingene endlini yesela nasendlini yofunga amanga ngegama lami , sihlale phakathi kwendlu yakhe , siyiqede kanye nemithi yayo namatshe ayo. Owesifazane ose-efeni*

Ngokuba nithe : Senzile isivumelwano nokufa , sivumelene nendawo yabafileyo; lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula , asiyikusehlela thina, ngokuba senzile amanga abe yisiphephelo sethu , sicashile phansi kwenkohliso.

Bangabantwana abahlubukileyo, abantwana abaqamba amanga, abantwana abangathandi ukuzwa umthetho kaJehova,

Izikhali zomkhohlisi zimbi ; uhlela amacebo amabi , ukuze achithe izihlupheki ngamazwi amanga, nalapho ompofu ekhuluma ngokufaneleyo.

Udla umlotha ; inhliziyo ekhohlisiweyo imdukisile ; akanakophula umphefumulo wakhe nokuba athi : Akukho yini amanga kwesokunene sami na? Intokozo ngokuhlengwa kuka-Israyeli

Ngokuba izandla zenu zingcolile igazi , neminwe yenu ububi; izindebe zenu zomlomo zikhuluma amanga, nezilimi zenu zinyenyeza okubi.

Akakho ome meza ngokulunga , akakho owahlulela ngeqiniso ; bethemba kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe yingozi, bazala ububi.

ukuphambuka nokumphika uJehova , nokumhlubuka uNkulunkulu wethu , nokukhuluma ukucindezela nokwambuka , nokucabanga nokukhuluma amazwi amanga aphuma enhliziyweni.

Noma bethi: Kuphila kukaJehova, nokho bafunga amanga.

Abaprofethi baprofetha amanga , abapristi babusa eceleni kwabo ; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?

Ngokuba kusukela kwabancane bab o kuya kwabakhulu bab o bayaphanga impango bonke, nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.

Ningethembi emazwini amanga, lapho kuthiwa: Nanti ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova.

Bhekani, niyethemba emazwini amanga angenakusiza.

Niyakweba yini , nibulale, niphinge, nifunge amanga , nimshisele uBali impepho, nilandele abanye onkulunkulu eningabazanga,

Ngalokho abafazi babo ngiyakubanika abanye , namasimu abo kwabayakuwadla, ngokuba kusukela kwabancane kuya kwabakhul u bayaphanga impango bonke , nabaprofethi nabapristi bonk e baqamba amanga.

Bagobela umnsalo wolimi lwabo amanga , abaqinelanga iqiniso ezweni ; kepha basuka kokubi, baya kokubi; mina-ke abangazi, usho uJehova.

Yilowo nalowo uyakh ohlisa umakhelwane wakhe , abakhulumi iqiniso ; bazifundisile izilimi zabo ukukhuluma amanga , bazikhathaza ngokwenza okubi.

Wayesethi uJehova kimi : Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami ; angibathumanga, angibayalanga, angikhulumanga kubo; baprofetha imibono yamanga, nokubhula, nokuyize, nenkohliso yenhliziyo yabo.

Nawe Phashuri nabo bonke abahlala endlini yakho niyakuthunjwa ; uyakufika eBabele , kepha uyakufela khona , umbelwe khona , wena nabo bonke abangane bakho oprofethe kubo amanga. Ukukhala kukaJeremiya

Ngizwile ukuthi bathini abaprofethi abaprofetha amanga egameni lami , bethi: Ngiphuphile, ngiphuphile.

Lokhu koze kube nini ezinhliziyweni zabaprofethi abaprofetha amanga , bengabaprofethi benkohliso yenhliziyo yabo,

Bheka, ngimelene nabaprofetha amaphupho amanga , usho uJehova, bawalandise, badukise abantu bami ngamanga abo nangokuwawa za kwabo; mina-ke angibathumanga nokho, angibayalanga, futhi abasizanga laba bantu, usho uJehova.

ngokuba baprofetha amanga kini ukuba nisuswe kude nezwe lakini , nginixoshe, niphele.

Ningawalaleli amazwi abaprofethi ababesho kini ukuthi : Aniyikuyikhonza inkosi yaseBabele, ngokuba baprofetha amanga kini.

Ngokuba angibathumanga , usho uJehova ; baprofetha amanga ngegama lami ukuze nginixoshe, niphele, nina nabaprofethi abaprofetha kini.

Ngase ngikhuluma kubapristi nakubo bonke laba bantu, ngithi: Usho kanje uJehova, uthi: Ningawalaleli amazwi abaprofethi benu abaprofetha kini ukuthi: Bhekani, izitsha zendlu kaJehova ziyakubuyiswa eBabele masinyane. Ngokuba baprofetha amanga kini.

Wayesethi umprofethi uJeremiya kuHananiya umprofet hi: Mawuzwe, Hananiya; uJehova kakuthumanga , kepha wena wenza laba bantu ukuba bethembe amanga.

Ngokuba baprofetha amanga egameni lami ; angibathumanga, usho uJehova.

Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, ngo-Ahabi indodana kaKholaya nangoSedekiya indodana kaMahaseya abaprofetha amanga kin i egameni lami , uthi: Bheka, ngiyakubanikela esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele; uyakubabulala phambi kwamehlo enu.

ngokuba benzile ubuwula kwa -Israyeli, baphinga nabafazi babakhelwane babo, bakhuluma amazwi amanga egameni lami engingabayalanga ngawo ; yimi engikwaziyo, ngingufakazi, usho uJehova. Izwi kuShemaya

Kepha uJeremiya wathi : Amanga. Angihlubukeli kumaKaledi . Kepha ayimlalelanga; u-Iriya wayesembamba uJeremiya, wamyisa ezikhulwini.

Kepha uGedaliya indodana ka -Ahikamu wathi kuJohanani indodana kaKhareya: Awuyikwenza le nto, ngokuba ukhuluma amanga ngo-Ishmayeli.

kwakhuluma u -Azariya indodana kaHoshaya , noJohanani indodana kaKhareya, nabantu bonke abaziqhenyayo , bathi kuJeremiya : Ukhuluma amanga; uJehova uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuba uthi: Aniyikuya eGibithe ukuba nigogobale khona,

Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngokuba nikhulumile okuyize , nibonile amanga, ngalokho bhekani, ngimelene nani, isho iNkosi uJehova.

Isandla sami siyakumelana nabaprofethi ababona okuyize nababhula amanga; abayikuba semkhandlwini wabantu bami , bangalotshwa encwadini yendlu yakwa -Israyeli, bangangeni ezweni lakwa -Israyeli, nazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.

nina eningingcolisa phakathi kwabantu bami ngezinkweshe zebhali nangezingcezu zesi nkwa ngokubulala imiph efumulo ebingayikufa nokusindisa imiphefumulo ebingayikuphila ngokuqamba kwenu amanga kubantu bami abalalela amanga, na?

besakubonisa amanga , bekubhulela inkohliso yokuthi uyakubekwa ezintanyeni zababi ababulawayo , abalusuku lwa bo lufika ngesikhathi sokuphela kokubi.

Abaprofethi bawo babanamekele ngodaka olungavuthiwe, bebona okuyize, bebabhulela amanga , bethi: Isho kanje iNkosi uJehova , noma uJehova engakhulumanga.

lokuthi uma ningangazisi iphupho , umthetho munye nje ngani , ngokuba nilungisile amazwi amanga nawo nakeleyo okukhuluma phambi kwami, kuze kuguquke isikhathi : ngalokho ngitsheleni iphupho , ngize ngazi ukuthi ningangibonisa incazelo yalo.

Amakhosi-ke omabili, izinhliziyo zawo ziyakuba ngezokwenza okubi ; ayakukhuluma amanga esetafuleni linye , kepha akuyikuphumelela, ngokuba ukuphela kusezakuba sesikhathini esimisiweyo.

Kukhona ukufunga nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokuphinga; bayafohla, izingazi zilandele izingazi.

Bakhuluma amazwi nje, befunga amanga, benza isivumelwano; bese kumila ukwahlulela njengenhlungunyembe emiseleni yamasimu.

U-Efrayimi uyadla umoya , ulandela umoya wasempumalanga ; uyandisa imihla yonke amanga nencithakalo; benza isivumelwano ne -Asiriya, namafutha ayiswa eGibithe.

Abacebileyo bawo bagcwele ubudlova , nabakhileyo kuwo bakhuluma amanga, nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.

Wo kumuzi wezingazi! Wonke ugcwele amanga nempango , ukuphanga akupheli.

Insali yakwa -Israyeli ayisayikwenza okubi , ingakhulumi amanga , kungafunyanwa emlonyeni wabo ulimi olukhohlisayo; yebo, bayakwaluka, babuthise, kungekho obesabisayo.

Kuyakuthi uma kusaprofetha umuntu, uyise nonina abamzalayo basho kuye ukuthi: Awuyikuphila, ngokuba ukhuluma amanga egameni likaJehova, uyise nonina abamzalayo bamgwaze esaprofetha.

Ngiyakusondela kini ukwahlulela , ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi , nangeziphingi, nangabafunga amanga , nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo , nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi , bengangesabi mina, usho uJehova Sebawoti.

Nibusisiwe, nxa benithuka , benizingela, bekhuluma konke okubi ngani , beqamba amanga ngenxa yami.

Nizwile futhi kwathiwa kwabasendulo : Ungafungi amanga, kepha uqinise izifungo zakho eNkosini.

Wathi kuye: Miphi na? UJesu wathi: Yile: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga;

Uyayazi imiyalelo ukuthi : Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungamamuki umuntu utho, yazisa uyihlo nonyoko.

Ngokuba abaningi bafakaza amanga ngay e, kepha ubufakazi babo abuhlangananga.

Kwasukuma abathile, bafakaza amanga ngaye, bathi:

Uyayazi imiyalelo ukuthi : U ngaphingi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, yazisa uyihlo nonyoko.

Nina ningabakayihlo uSathane , nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo . Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni , akemi eqinisweni , ngokuba iqiniso lingekho kuye . Nxa ekhuluma amanga , ukhuluma okungokwakhe , lokhu engumqambimanga noyise wawo.

Wayesethi uPetru : Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele , ugodle inxenye yemali yezwe , na?

Lisekhona belingesilo elakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Uyibekeleni leyo nto enhliziyweni yakho na ? Awuqambanga amanga kubantu kepha kuNkulunkulu.

baguqule iqiniso likaNkulunkulu , balenza amanga ; bahlonipha, bakhonza okudaliweyo kunoMdali ongobongekayo kuze kube phakade. Amen.

Ngikhuluma iqiniso ngikuKristu , angiqambi amanga , unembeza wami ufakazelana nami eMoyeni oNgcwele

UNkulunkulu noYise weNkos i uJesu , obongekayo phakade naphakade, uyazi ukuthi angiqambi amanga.

Kulokhu-ke enginilobela khona bhekani , phambi kukaNkulunkulu , angiqambi amanga.

Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, lokhu singamalungu omunye komunye.

nezifebe, nabesilisa abalalanayo , nabathumbabantu, nabaqambimanga, nabafungela amanga , noma kungakhona okunye okuphambene nesifundiso esiphilileyo,

engamiselwa khona mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli -- ngikhuluma iqiniso , angiqambi amanga -- yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.

ngokuzenzisa kwabaqamba amanga abashiswe uphawu kunembeza wabo,

ethembeni lokuphila okuphakade uNkulunkulu ongaqambi amanga akwethembisa phambi kwezikhathi zaphakade,

ukuze ngezinto ezimbili ezingeguquleke, uNkulunkulu angeqambe amanga ngazo, sibe nenduduzo enamandla thina esibalekele ekulibambeni ithemba esilimiselweyo,

Nina-ke, ukugcoba enakwamukela kuye kuhlala kini , anidingi ukuba nobani anifundise ; kodwa lokhu ukugcoba kwakhe okunifundisa khona ngakho konke kuyiqiniso , akusiwo amanga , nanjengokuba kunifundisile , hlalani kuye.

Ngiyayazi imisebenzi yakho , nemizamo yakho , nokubekezela kwakho , nokuthi kawunakubamela ababi ; wabavivinya abazisho ukuthi bangabaphostoli bengesibo, wabafumana beqamba amanga;

Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane abazishaya abaJuda bengesibo, kepha beqamba amanga ; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.

nasemlonyeni wabo akufunyaniswanga amanga; kabanasici. Izingelosi ezintathu zimemezela ukwahlulela

Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili. Inkazimulo yeJerusalema lasezulwini

Ngaphandle kukhona izinja , nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.