Skip to Content

"amaqabunga"

10 occurrences in ZUL

Ayesevuleka amehlo abo bobabili , babona ukuthi bahamba ze; bathunga amaqabunga omkhiwane, bazenzela izibhinco.

Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini , ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni, ongesabi lapho kufika ukushisa, amaqabunga awo abe luhlaza , angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu , anganqamuki ukuthela izithelo.

Thana: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Uyakuphumelela na? Aluyikusiphula izimpande zawo , lunqume izithelo zawo , ukuze ubune , kubune onke amaqabunga ahlumelelayo , bese kungafuneki amandla amakhulu nabantu abaningi ukuwusiphula ngezimpande zawo, na?

Ngasemfuleni osebeni lwawo ngalapha nangalapha kuyakumila yonke imithi edliwayo emaqabunga ayo angayikubuna, nezithelo zayo zingayikuphela; iyakuthela ezintsha izinyanga zonke , ngokuba amanzi ayo avela endlini engcwele ; izithelo zayo ziyakuba ngukudla , amaqabunga ayo abe ngawokuphilisa. Imikhawulo yezwe elingcwele

Amaqabunga awo ayemahle , nezithelo zawo zaziziningi , kukhona kuwo ukudla kubo bonke; izilwane zasendle zazinomthunzi phansi kwawo, izinyoni zezulu zazihlala emagatsheni awo, nenyama yonke yondliwa kuwo.

Wamemeza ngamandla , washo kanje, wathi: Gawula umu thi, unqume amagatsha awo , uvuthulule amaqabunga awo , uhlakaze izithelo zawo ; izilwane mazisuke phansi kwawo, nezinyoni emagatsheni awo.

Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni , weza kuwo ; akafumananga lutho kuwo, amaqabunga odwa. Wayesethi kuwo: Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade. Umkhiwane wabuna khona lapho.

Fundani umfanekiso emkhiwaneni ; nxa igatsha lawo selithamba , lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze.

Wabona umkhiwane ukude , unamaqabunga, wasondela ethi mhlawumbe angathola utho kuwo ; esefikile kuwo akafumananga lutho , amaqabunga odwa, ngokuba kwakungesiso isikhathi samakhiwane.

Fundani umfanekiso emkhiwaneni ; nxa igatsha lawo selithamba , lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze.