"amaqebelengwane"
12 occurrences in ZUL
U-Abrahama waphuthuma etendeni kuSara , wathi: Sheshisa, uthathe amaseya amathathu empuphu ecolekileyo , uyixove, wenze amaqebelengwane.
Ngenhlama abaphuma nayo eGibit he benza amaqebelengwane angenamvubelo, ngokuba yayingavutshelwe , lokhu baxoshwa eGibithe bengenakulibala, futhi bengazilungiselanga mphako.
Wothabatha impuphu ecolekileyo , upheke ngayo amaqebelengwane ayishumi nambili, iqebelengwane linye libe nokweshumi okubili.
neqoma lesinkwa esingenamvubelo , amaqebelengwane empuphu ecolekileyo exo vwe namafutha , nemiqathane engenamvub elo, egcotshwe ngamafutha, nomnikelo wempuphu nowokuphuzwa walokho.
Abantwana baphuma ukuliqoqa , baligaya ematsheni , noma beligqula ezigqulweni, balipheka emakhanzini , benza ngalo amaqebelengwane ; ukuzwakala kwalo kwakunjengokuzwakala kweqebelengwane lamafutha.
Badla ezithelweni zezwe ngolwangakusasa emva kwephasika , amaqebelengwane angenamvubelo notshwele ngalona lolo suku.
Wayeselala phansi u-Amnoni, wazishaya ogulayo; isifikile inkosi ukumbona, u-Amnoni wathi enkosini : Ake kuze uTamari udadewethu , enze amaqebelengwane amabili phambi kwami ukuba ngidle esandleni sakhe.
Wayesehamba uTamari , waya endlini ka -Amnoni umnewabo ; wayelele phansi. Wathatha inhlama , wayixova, wenza amaqebelengwane ph ambi kwakhe, wapheka amaqebelengwane.
Wayesethi u -Amnoni kuTamari : Letha ukudla ekamelweni lami ukuba ngidle esandleni sakho. UTamari wawathatha amaqebelengwane awenzileyo, wawangenisa ekamelweni ku-Amnoni umnewabo.
Abantwana batheza izinkuni , oyise baphemba umlilo , abesifazane baxova inhlama ukuba benzele inkosikazi yezulu amaqebelengwane , bathululele abanye onkulunkulu umnikelo wokuphuzwa ukuba bangicunule.