UJakobe wayesahlukanisa amawundlu , wabhekisa ubuso bemihlambi kwezinemishwe nakwezimnyama emhlambini kaLabani ; wabeka amaqembu akhe abe wodwa engawafaki emhlambini kaLabani.
Wayala nowesibili , nowesithathu, nabo bonke ababelandela amaqembu , wathi: Niyakusho njalo ku-Esawu, lapho nimfumana.
Ngokuba kumelwe kube khona amaqembu phakathi kwenu ukuba abaqinisileyo phakathi kwenu babonakale.