Skip to Content

"amasango"

33 occurrences in ZUL

Amasango akho ayakuvuleka njalo , awayikuvalwa imini nobusuku , ukuze imfuyo yezizwe ilethwe kuwe, amakhosi azo eqhutshwa eboshiwe.

Bambusisa uRebeka , bathi kuye : Dadewethu, yiba wena izinkulungwane zezigidi, inzalo yakho inqobe amasango ezitha zayo.

Amasango alo ayakukhala, alile; liyakuba yize, lihlale emhlabathini.

Nokho ungahlaba, udle inyama ngaphakathi kwawo onke amasango akho njengesifiso somphefumulo wakho nanjengesibusiso sikaJehova uNkulunkulu wakho akuphe sona ; ongcolileyo nohlambulukileyo bangadla kukho njengokwensephe nokwendluzele.

Siyakukuvimbezela kuwo onke amasango akho , zize ziwe izingange zakho owazethembayo ezweni lakho lonke , sikuvimbezele kuwo onke amasango akho ezweni lakho lonke uJehova uNkulunkulu wakho akunike lona.

ukuba angabaniki inyama yabantwana bakhe abadlayo ngokuba engasalelwanga lutho olunye ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo onke amasango akho.

nakumzanyama wakhe ophuma phakathi kwezinyawo zakhe , nakubantwana bakhe ayakubazala , ngokuba uyakubadla ngasese e kusweleni kwakhe ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo onke amasango akho.

IJeriko lalivalile amasango alo ngenxa ya bantwana bakwa -Israyeli; kwakungaphumi muntu, kungangeni muntu.

UJoshuwa wabafungisa ngaleso sikhathi , wathi: Makaqalekiswe phambi kukaJehova umuntu osuka akhe lo muzi waseJeriko ; uyakubeka isisekelo sawo ngokulahlekelwa yizibulo lakhe, amise amasango awo ngokulahlekelwa ngomncinyane wakhe.

Ezinsukwini zakhe uHiyeli waseBethele wabuye wakha iJeriko ; wabeka isisekelo salo ngokulahlekelwa ngu-Abiramu izibulo lakhe, wamisa amasango alo ngokulahlekelwa yithunjana lakhe uSegubi , njengezwi likaJehova owalikhuluma ngesandla sikaJoshuwa indodana kaNuni.

Bona nabantw ana babo babephethe amasango endlu kaJehova , indlu yetende, belinda.

Ngathi enkosini: Mayime njalo inkosi; ubuso bami bungebiphe ngani, lapho umuzi, indawo yamathuna awobaba , uchithekile n amasango awo eshiswe ngomlilo, na?

Ngathi kubo : Amasango aseJerusalema mawangavulwa lize lishise ilanga ; besemi, mabavale izivalo , baziqinise; bekani abalindi kwabakhileyo eJerusalema, kube yilowo nalowo emlindweni wakhe, yilowo abe malungana nendlu yakhe.

Kwathi lapho amasango aseJerusalema eseqala ukuba mnyama lingakafiki isabatha, ngathi mazivalwe izivalo , ngathi futhi mazingavulwa lize lidlule isabatha, ngabeka ezinye izinceku zami ngasemasangweni ukuba kungangeniswa mthwalo ngosuku lwesabatha.

Ngasho kumaLevi ukuba azihlambulule , eze, alinde amasango, angcwelise usuku lwesabatha. Ngalokho ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungihawukele ngokobuningi bomusa wakho.

Amasango okufa uwavulelwe, wabona amasango ethunzi lokufa, na?

UJehova uyawathanda amasango aseSiyon i kunazo zonke izindlu zikaJakobe.

Ngokuba waphulile amasango ethusi, wanquma imigoqo yensimbi.

Ngivuleleni amasango okulunga, ngingene ngawo, ngimdumise uJehova.

Vulani amasango ukuba isizwe esilungileyo esigcina iqiniso singene.

Usho kanje uJehova kogcotshiweyo wakhe, kuKoresi, osandla sakhe sokunene ngisibambile ukuba ngahlule izizwe phambi kwakhe , ngithukulule izinkalo zamakhosi , ngivule iminyango phambi kwakhe , amasango angabe esavalwa.

UJuda uyalila , amasango akhe ad angele, ahlezi emhlabathini edabukile , nokukhala kweJerusalema kwenyukile.

Izindlela zaseSiyoni ziyalila ngokuba kungeziwa emikhosini emisiweyo; onke amasango achithekile , abapristi balo bayabubula ; izintombi zalo ziyahlupheka, nalo linomunyu.

Amasango alo ashona emhlabathini ; wachitha, wayaphula imigoqo yalo . Inkosi nezikhulu zalo baphakathi kwezizwe , lapho kungekho khona umthetho. Nabaprofethi balo abatholi mbono kuJehova.

Ukuba izinhliziyo zabo ziphele amandla , nezikhubekiso zabo zande , ngiyakubeka inkemba ekhazimulayo kuwo onke amasango abo; awu, yenziwe njengonyazi, ihoshelwe ukubulala!

abe yizikhonzi endlini yami engcwele , abonise amasango endlu , akhonze endlini, ahlabe iminikelo yokushiswa nemihlatshelo yabantu , eme phambi kwabo ukuba abakhonze.

Yilo leli zwe eniyakulahlukanisa ngenkatho , libe yifa lezizwe zakwa - Israyeli; yilezi izabelo zazo, isho iNkosi uJehova. Amasango omuzi

Amasango omuzi ayakubizwa ngamagama ezizwe zakwa-Israyeli, amasango amathathu abe ngasenyakatho : elinye yisango lakwaRubeni , elinye yisango lakwaJuda, elinye yisango lakwaLevi.

Amasango emifula ayavulwa, indlu yamakhosi iyancibilika.

Bheka, abantu bakho phakathi kwakho bangabesifazane nje ; amasango ezwe lakho avulekele impela izitha zakho, umlilo udlile imigoqo yakho.

Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPetru; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese awayikulahlula.

ngasempumalanga kwakukhona amasango amathathu , nangasenyakatho amasango amathathu , nangaseningizimu amasango amathathu , nangasentshonalanga amasango amathathu.

Amasango ayishumi nambili ayengamaparele ayishumi nambili ; yilelo nalelo sango ngalinye laliyiparele linye . Isitaladi somuzi sasiyigolide elicwengekileyo, linjengengilazi ekhanyayo.