Skip to Content

"amasondo"

10 occurrences in ZUL

Wawisa amasondo ezinqola ukuba bahambise kalukhuni , baze bathi abaseGibithe: Masibaleke ebusweni buka -Israyeli, ngokuba uJehova uyabalwela emelene nabaseGibithe.

Lawo masondo amane ayephansi kwezindini ; imbambelela yama -asi amasondo yayisesinqeni; ukuphakama kwesondo kwakuyingalo nenxenye.

Amasondo ayenziwe njengesondo lenqola ; izimbambelela zawo z ama-asi, namabhande awo, nezipokwe zawo, namanamfu awo kwakubunjiwe konke.

Ekuhambeni kwezidalwa amasondo ahamba eceleni kwazo , nasekuphakanyisweni kwezidalwa emhlabeni namasondo aphakanyiswa.

Ngabona, bheka, nanko amasondo amane eceleni kwamakherubi , elinye isondo eceleni kwelinye ikherubi nelinye isondo eceleni kwelinye ikherubi ; ukubonakala kwamasondo kwakunjengetshe lekrisolithe.

Wonke umzimba wawo, nemihlane yawo, nezandla zawo, namaphiko awo, namasondo kwakugcwele amehlo nxazonke ; yebo, amasondo lawa omane ayenawo.

Amasondo ayebizwa ezindlebeni zami ngokuthi ayingilizayo.

Ekuhambeni kwamakherubi amasondo ahamba eceleni kwawo , nalapho amakherubi ephakamisa amaphiko awo ukwenyuka emhlabath ini, amasondo awaphendukanga eceleni kwawo.

Amakherubi aphakamisa amaphiko awo , enyuka emhlabathini phambi kwamehlo ami ekuphumeni kwawo , amasondo eseceleni kwawo ; ema ngasesivalweni sesango lasempumalanga lendlu kaJehova ; inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayiphezu kwawo.

Ngisabheka, kwabekwa izihlalo zobukhosi , kwahlala omdala wezinsuku ; izambatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa , izinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo ; isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo, amasondo aso engumlilo ovuthayo.