Skip to Content

"amatalenta"

22 occurrences in ZUL

Amatalenta ayikhulu esiliva ayengawokukhanda izinyawo zendlu engcwele, nezinyawo zesihenqo , izinyawo eziyikhulu ngamatalenta ayikhulu , italenta ngonyawo.

UHiramu wayesethuma enkosini amatalenta ayikhulu namashumi amabili egolide. Izisebenzi nezindlu zikaSolomoni. Iminikelo yakhe

Zafika e -Ofiri, zalanda khona igolide , amatalenta angamakhulu amane namashumi amabili, zaliletha enkosini uSolomoni.

Yanika inkosi amatalenta ayikhulu namashumi amabili egolide , namakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akuzange kusafika amakha amaningi kangaka njengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wo na yinkosikazi yaseSheba.

UNahamani wathi: Vuma, wamukele amatalenta amabili . Wamncengisisa, wabopha amatalenta amabili esil iva ezinqalathini ezimbili kanye nezingubo ezimbili zokuphendulela, wakunikela ezincekwini zakhe ezimbili; zakuthwala phambi kwakhe.

Kwafika ukuhlasela izwe uPhuli inkosi yase -Asiriya; uMenahemu wamnika uPhuli amatalenta ayinkulungwane esiliva ukuba isandla sakhe sibe naye ukuwuqinisa umbuso esandleni sakhe.

UHezekiya inkosi yakwaJuda wathumela enkosini yase -Asiriya eLakishi , wathi: Ngonile; buya kimi; okubeka kimi ngiyakukwenza. Inkosi yase-Asiriya yamnqumela uHezekiya inkosi yakwaJuda amatalenta angamakhulu amathathu esiliva namatalenta angamashumi amathathu egolide.

UFaro Nekho wambopha eRibila ezweni laseHamati ukuba angabe esabusa eJerusalema, wathelisa izwe amatalenta ayikhulu esiliva netalenta legolide.

Abantwana bakwa -Amoni sebebone ukuthi bazenzile ukuba banengeke kuDavide, uHanuni nabantwana bakwa -Amoni bathuma amatalenta ayinkulungwane esiliva ukuziqashela izinqola nabamahhashi e -Aramu Naharayimi, nase-Aramu Mahakha, naseSoba.

Bheka, ekuhluphekeni kwami ngilungisele indlu kaJehova amatalenta ayizinkulungwane eziyikhulu egolide , namatalenta ayizinkulungwane eziyinkulungwane esiliva, nethusi nensimbi okungenakulinganiswa, ngokuba kuningi; ngilungisile nemithi namatshe; uyakwenezela kukho.

amatalenta ayizinkulungwane ezintathu egolide , igolide lase -Ofiri, namatalenta ayizinkulungwane eziyisikhombisa esiliva elicwengekileyo ukunameka ngalo izindonga zezindlu,

zanikela enkonzweni yendlu kaNkulunkulu amatalenta ayizinkulung wane eziyisihlanu egolide, namadarike ayizinkulungwane eziyishumi, namatalenta ayizinkulungwane eziyishumi esiliva , namatalenta ayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili ethusi , namatalenta ayizinkulungwane eziyikhulu ensimbi.

UHiramu wathuma kuye ngezandla zezinceku zakhe imikhumnbi nezinceku ezazilwazi ulwandle ; zafika nezinceku zikaSolomoni e -Ofiri, zalanda khona amatalenta angamakhulu amane namashumi ayisihlanu egolide , zawayisa enkosini uSolomoni.

Yanika inkosi amatalenta ayikhulu namashumi amabili egolide , namakha amaningi kakhulu , namatshe ayigugu ; awazange abe khona amakha anjengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wona yinkosikazi yaseSheba.

Walwa nenkosi yabantwana bakwa -Amoni, wabahlula. Abantwana bakwa - Amoni bamnika ngawo lowo mnyaka amatalenta ayikhulu esiliva, namakhora ayizinkulungwane eziyishumi kakolweni , nawebhali ayizinkulungwane eziyishumi. Lokho-ke abantwana bakwa-Amoni bakuyisa kuye nangomnyaka wesibili nangowesithathu.

Inkosi yaseGibithe yamsusa eJerusalema, yathelisa izwe amatalenta ayikhulu esiliva netalenta legolide.

ngalinganisela ezandleni zabo amatalenta angamakhulu a yisithupha namashumi ayisihlanu esiliva , namatalenta ayikhulu ayizitsha zesiliva , namatalenta ayikhulu egolide,

Uma kukuhle enkosini , makulotshwe ukuba sichithwe ; ngiyakukhokhela amatalenta ayizinkulungwane eziyishumi esiliva ezandleni zabenza umsebenzi wenkosi, ayiswe esikhwameni senkosi.

enye wayinika amatalenta ayisihlanu , enye aba mabili , enye laba linye , kwaba yileyo naleyo njengamandla ayo; wamuka-ke.

Lowo obamukele amatalenta ayisihlanu wahamba masinyane , wasebenza ngawo, wazuza amanye ayisihlanu.

Weza obamukele amatalent a ayisihlanu , waletha amanye amatalenta ayisihlanu, wathi: Nkosi, wanginika amatalenta ayisihlanu; bheka, ngizuze amanye amatalenta ayisihlanu.

Weza nobamukele amatalenta amabili, wathi: Nkosi, wanginika amatalenta amabili; bheka, ngizuze amanye amatalenta amabili.