Skip to Content

"amazinyane"

18 occurrences in ZUL

Yana emhlambini , ungithathele khona amazinyane amabili amahle ezimbuzi, ngilungisele uyihlo isilovela njengalokho akuthandayo,

Namakhanka ehlisa , ancelise amazinyane awo . Indodakazi yabantu bami isinonya, njengezintshe zasehlane.

Uma uhlangana nesidleke senyoni endleleni phambi kwakho emthini noma siphansi, sinamazinyane noma sinamaqanda , unina efukamele amazinyane noma amaqanda, ungathathi unina kanye namazinyane,

kepha uvumele unina ukuba asuke , wena uzithathele amazinyane ukuba kube kuhle kuwe, uzandise izinsuku zakho.

Siyakuyidla inzalo yezinkomo zakho , nezithelo zomhlabathi wakho , uze ubhujiswe, singakushiyeli amabele , noma iwayini , noma amafutha , noma isanda sezinkomo zakho, noma amazinyane ezimvu zakho, aze akuqede.

Nxa usukile khona uye phambili , uyakufika kulo i -oki laseThabori ; kuyakuhlangana nawe khona abantu abathathu bekhuphukela kuNkulunkulu eBethele, omunye ephethe amazinyane amathathu ezimbuzi, omunye ephethe izinkwa ezintathu, omunye ephethe imvaba yewayini;

Wathi futhi uHushayi : Uyamazi uyihlo nabant u bakhe ukuthi bangamaqhawe nokuthi bacasukile ezinhliziyweni zabo njengebhere elaphucwe amazinyane alo endle ; uyihlo uyindoda yempi , akayikuhlala nabantu.

Amawundlu ayakuklaba nje ngasemadlelweni awo , nasezincithakalweni zabacebileyo kuyakuklaba amazinyane.

Ziyakhonkobala, zizala amazinyane azo, zikhiphe okwemihlelo yazo.

Amazinyane azo aqina , akhulela endle; ayahamba, angabe esabuyela kuzo futhi.

Iphatha kalukhuni amazinyane ayo, kungathi awasiwo awayo; ayinangebhe yokuthi umshikashika wayo ungaba yize.

Amazinyane alo amunca igazi ; lapho kukhona abagwaziweyo , lukhona nalo.

Ngokuba umzwilili ufumene indlu , nenkonjane isidleke sayo , lapho ibeka khona amazinyane ayo , ngisho ama -altare akho , Jehova S ebawoti, Nkosi yami, Nkulunkulu wami.

Uma ungakwaz i wena muhlekazi phakathi kwabesifazane , phuma uhambe ezinyathelweni zomhlambi , waluse amazinyane akh o ngasematendeni abelusi. Ukuphendulana komyeni nomakoti Umnyeni:

Inkomo nebhere kuyakuklaba , amazinyane akho abuthise ndawonye , ingonyama idle utshani njengenkabi.

Bayakufika, bahlabelele ngokujabul a ekuphakameni kwaseSiyoni , bagobhozele kukho okuhle kukaJehova , yebo, emabeleni, nasewayinini, nasemafutheni, nakuwo amazinyane e zimvu nawezinkomo , umphefumulo wabo ube njengensimu eniselweyo, bangabe besaba nosizi futhi.

Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi nokhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko aso , kepha anivumanga.

Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi , okhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, bengithanda kangaki ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko ; kepha anivumanga.