Skip to Content

"amen"

53 occurrences in ZUL

Lawa manzi aveza isiqalekiso ayakungena ezibilini zakho, avuvukalise isisu sakho, ashwabanise ithanga lakho. Owesifazane uyakuthi: Amen! Amen!

Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe ezibaziweyo nesibunjiweyo , isinengiso kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise ngasese. Bonke abantu bayakuphendula bathi: Amen.

Makaqalekiswe odelela uyise noma unina. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.

Makaqalekiswe osusa isikhonkwane somakhelwane wakhe . Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.

Makaqalekiswe ophundula impumputhe endleleni . Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.

Makaqalekiswe ophendukezela isahlulelo somfokazi , nesentandane, nesomfelokazi. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.

Makaqalekiswe olala nomkayise , ngokuba wambulile umphetho wengubo kayise. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.

Makaqalekiswe olala nesilwane. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.

Makaqalekiswe olala nodadewabo , indodakazi kayise noma indodakazi kanina. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.

Makaqalekiswe olala nomkhwekazi . Bonke abantu bayakusho ukuthi : Amen.

Makaqalekiswe obulala umakhelwane wakhe ngasese . Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.

Makaqalekiswe owamukela umvuzo ukuba abulale ongenacala , achithe igazi lakhe. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.

Makaqalekiswe ongawaqinisi amazwi alo mthetho ukuba awenze . Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.

uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu ; uma umuntu ekhonza , makakhonze ngamandla awanikwa nguNkulunkulu , ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Kristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.

UBenaya indodana kaJehoyada wayiphendula inkosi , wathi: Amen; uJehova uNkulunkulu wenkosi yami, inkosi, makasho njalo naye.

Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Bonke abantu bathi: Amen, bamdumisa uJehova.

Ngavuthulula ingubo yami , ngathi: UNkulunkulu makavuthulule kanjalo bonke abantu abangagcini leli zwi ezindlini zabo nasemfuyweni yabo ; mabavuthululwe kanjalo , babe yize . Lonke ibandla lathi : Amen, ladumisa uJehova. Abantu base benza njengalelo zwi.

U-Ezra wambonga uJehova uNkulunkulu omkhulu . Bonke abantu baphendula bathi : Amen, Amen, bephakamisa izandla zabo ; bakhothama, bakhuleka kuJehova, ubuso babo bubheke phansi.

Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Amen, Amen.

Malibongwe igama lakhe lenkazimulo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.

Makabongwe uJehova kuze kube phakade. Amen, Amen.

Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli kusukela phakade kuze kube phakade. Abantu bonke mabathi: Amen. Haleluya!

ukuba ngisiqinise isifungo engasifunga koyihlo ukubanika izwe elichichima ubisi nezinyosi -- njenganamuhla. Ngase ngiphendula ngithi: Amen, Jehova.

yebo, umprofethi uJeremiya wathi : Amen, makenze njalo uJehova , awaqinise amazwi akho owaprofethayo , kubuyiswe izitsha zendlu k aJehova nabo bonke abathunjwa eBabele, kulethwe kule ndawo.

ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi ; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.

baguqule iqiniso likaNkulunkulu , balenza amanga ; bahlonipha, bakhonza okudaliweyo kunoMdali ongobongekayo kuze kube phakade. Amen.

abangababo okhokho avela kubo uKr istu ngokwenyama , yena onguNkulunkulu ophezu kwakho konke , obongekayo kuze kube phakade . Amen. Abakwa-Israyeli bakhethwa nguNkulunkulu

Ngokuba konke kuvela kuye , kukhona ngaye , kuya kuye ; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.

UNkulunkulu wokuthula makabe nani nonke. Amen.

Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen.

kuye uNkulunkulu onokwazi yedwa akube kuye inkazimulo ngoJesu Kristu kuze kube phakade. Amen.

Uma kungenjalo , nxa ubonga ngomoya , lowo osesikhundleni sabangafundile angasho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho na , lokhu engakwazi okushoyo?

Ngokuba noma izithembiso zikaNkulunkulu ziziningi kangakanani , kuyena zinguyebo, ngakho-ke ngaye zingu -Amen futhi , kudunyiswe uNkulunkulu ngathi.

Umusa weNkosi uJesu Kristu , nothando lukaNkulunkulu , nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.

makube kuye udumo kuze kube phakade. Amen. Ukuhlubuka kwabaseGalathiya kulo ivangeli eliyilo

Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu , bazalwane. Amen.

makube kuye udumo ebandleni nakuKristu Jesu ezizukulwaneni zonke zaphakade naphakade. Amen.

KuNkulunkulu noBaba wethu makube ludumo kuze ku be phakade naphakade. Amen. Isigcino

Kuyo iNkosi yaphakade en gabhubhiyo, engenakubonwa, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen. UPawulu uyala uThimothewu ukuba alwele iqiniso levangeli

yena yedwa onokungafi , ehlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho , ongazange abonwe muntu , nongebonwe; makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.

INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi , ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini ; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen. Isigcino

makaniphelelise kukho konke okuhle , ukuze nenze intando yakhe , esebenza phakathi kwethu khona lokho okuthokozisayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu ; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade . Amen.

Umusa mawube nani nonke. Amen.

Makube kuye amandla kuze kube phakade naphakade. Amen.

kuye uNkulunkulu oyedwa , uMsindisi wethu ngaye uJesu Kristu iNkosi yethu, makube ngukukhazimula, nobukhosi, namandla, negunya, kungakabikho izikhathi, namanje nakuze kube phakade. Amen.

nowasenza sibe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu uYise , kuye makube yinkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.

Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona , nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.

Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikeya loba ukuthi: Nakhu akushoyo u- Amen, ufakazi othembekayo noqinisileyo , ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, uthi:

Nezidalwa ezine zathi: Amen, namalunga awa phansi, akhuleka.

Amen! Isibusiso, nenkazimulo, nokuhlakanipha, nokubongwa, nodumo, namandla, nokunqoba makube kuNkulunkulu weth u kuze kube phakade naphakade. Amen!

Ayesewa phansi amalunga angamashumi amabili nane kanye nezidalwa ezine, akhuleka kuNkulunkulu ohlezi esihlalweni sobukhosi , athi: Amen! Haleluya!

Ofakaza ngalezi zinto uthi : Yebo, ngiyeza masinyane. Amen. Woza, Nkosi Jesu!

Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen.