Skip to Content

"amise"

10 occurrences in ZUL

kepha beka amaLevi phezu kwetabernakele lobufakazi , naphezu kwazo zonke izimpahla zalo , nakho konke okwalo ; ayakuthwala itabernakele nayo yonke impahla yalo; ayakukhonza kulo, amise alihaqe.

Kepha womkhumbula uJehova uNkulunkulu wakho , ngokuba nguyena okupha amandla okuzuza imfuyo ukuba amise isivumelwano sakhe asifungela oyihlo njenganamuhla.

UJoshuwa wabafungisa ngaleso sikhathi , wathi: Makaqalekiswe phambi kukaJehova umuntu osuka akhe lo muzi waseJeriko ; uyakubeka isisekelo sawo ngokulahlekelwa yizibulo lakhe, amise amasango awo ngokulahlekelwa ngomncinyane wakhe.

UDavide wasuka , weza endaweni uSawule amise kuyo ; uDavide wabona indawo uSawule ahlala kuyo , eno-Abineri indodana kaNeri , induna yempi yakhe; uSawule wayelele ezinqoleni, abantu bemise ngakuye nxazonke.

Inkosi ayilalelanga abantu , ngokuba kwakuyi siyiba esivela kuJehova , ukuze amise izwi lakhe uJehova alikhulumayo ngesandla sika -Ahiya waseShilo kuJerobowamu indodana kaNebati.

Inkosi ayibalalelanga abantu , ngokuba kwakuyisiyiba esivela kuNkulunkulu, ukuze uJehova amise izwi lakhe alikhulumayo ngesandla sika-Ahiya waseShilo kuJerobowamu indodana kaNebati.

Uyaphahlaza abanamandla , kungahlolwanga, amise abanye ezikhundleni zabo.

Akayikudangala, aphele amandla , aze amise ukwahlulela emhlabeni ; neziqhingi ziyakuhlalela umthetho wakhe.

Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwe le ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu , ayinike amthandayo, amise phezu kwayo ophansi phakathi kwabantu.

ubuye wathi : Bheka, ngiyeza ukwenza intando yakho . Ususa okokuqala , ukuze amise okwesibili.