funa umphindiseli wegazi amxoshe umbulali isashisa inhliziyo yakhe , amfice, ngokuba indlela inde , amshaye aze afe , noma ebengafanele ukufa , lokhu ebekade engamzondi.
Kepha uma umuntu emzonda umakhelwane wakhe , emqamekela, amvukele, amshaye aze afe, abalekele komunye wale mizi,
Angamshaya imivimbo engamashumi amane , angadluli, funa uma ebeyakudlula, amshaye imivimbo eminingi phezu kwaleyo , kuze kuthi umfowenu ahlazwe emehlweni akho.