Umprofethi oprofetha ngokuthula uyakwaziwa , lapho seligcwalisiwe izwi lomprofethi, uma engumprofethi uJehova amthumileyo impela.
Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu; ngokuba akaniki uMoya ngokulinganisela.
Nezwi lakhe aninalo elihleziyo phakathi kwenu , ngokuba amthumileyo yena lowo anikholwa nguye.
Waphendula uJesu , wathi kubo : Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo ukuba nikholwe nguye amthumileyo.