Skip to Content

"angenamvubelo"

8 occurrences in ZUL

Ngenhlama abaphuma nayo eGibit he benza amaqebelengwane angenamvubelo, ngokuba yayingavutshelwe , lokhu baxoshwa eGibithe bengenakulibala, futhi bengazilungiselanga mphako.

nesinkwa esingenamvubelo, namaqebelengwane angenamvubelo, agcotshwe ngamafutha; ukwenze ngempuphu ecolekileyo kakolweni.

Nxa uletha umnikelo wempuphu ephekwe eziko, woba ngamaqebelengwane angenamvubelo empuphu ecolekileyo exovwe namafutha , noma imiqathane engenamvubelo, egcotshwe ngamafutha.

Uma enikela ngawo ube ngumnikelo wokubonga , uyakunikela kanye nomhlatshelo wokubonga ngamaqebelengwane angenamvubelo exovwe namafutha, nemiqathane engenamvubelo , egcotshwe ngamafutha , namaqebelengwane empuphu ecolekileyo axovwe namafutha.

Badla ezithelweni zezwe ngolwangakusasa emva kwephasika , amaqebelengwane angenamvubelo notshwele ngalona lolo suku.

UGideyoni wangena , walungisa izinyane lembuzi namaqebelengwane angenamvubelo e -efa lempuphu ; wayibeka inyama eqomeni , wawuthela umhluzi ekhanzini, wakukhiphela kuye phansi kwe-oki, wakunikela.

Ingelosi kaNkulunkulu yathi kuye : Thatha inyama namaqebelengwane angenamvubelo, ukubeke edwaleni leli, uwuthulule umhluzi. Wenze njalo.

Ingelosi kaJehova yase yelula isihloko sentonga esesan dleni sayo, yathinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo ; kwenyuka umlilo edwaleni , wadla waqeda inyama namaqebelengwane angenamvubelo ; ingelosi kaJehova yayisimuka emehlweni akhe.