Wayesethi uJehova kimi : Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami ; angibathumanga, angibayalanga, angikhulumanga kubo; baprofetha imibono yamanga, nokubhula, nokuyize, nenkohliso yenhliziyo yabo.
Bheka, ngimelene nabaprofetha amaphupho amanga , usho uJehova, bawalandise, badukise abantu bami ngamanga abo nangokuwawa za kwabo; mina-ke angibathumanga nokho, angibayalanga, futhi abasizanga laba bantu, usho uJehova.