Skip to Content

"angifumananga"

6 occurrences in ZUL

UMose wathi kuJehova : Uyiphatheleni kabi inceku yakho na ? Angifumananga ngani umusa emehlweni akho ukuba ubeke umthwalo wabo bonke laba bantu phezu kwami na?

Zase zithi izikhulu zamaFilisti : Ayini lawa maHeberu na ? U-Akhishi wathi kuzo izikhulu zamaFilisti : Akusiye uDavide inceku kaSawule inkosi yakw a- Israyeli okade enami kulezi zinsuku nakule minyaka na ? Angifumananga lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kube namuhla.

Ngababutha emfuleni oya e -Ahava; samisa khona izinsuku ezintathu; ngabheka abantu nabapristi , angifumananga khona noyedwa wamadodana kaLevi.

wathi kubo: Nilethe kimi lo muntu ngokuthi ungodukisa abantu . Bhekani, mina ngimhlolile phambi kwenu , kepha angifumananga cala lalezo zinto enimmangalela ngazo;

Wayesethi kubo ngokwesithathu : Kanti lo wenze bubi buni na ? Angifumananga kuye icala lokufa; ngakho ngiyakumshaya, ngimkhulule.

Vuka ulinde , uqinise okuseleyo obekuzakufa , ngokuba angifumananga imisebenzi yakho iphelelisiwe phambi kukaNkulunkulu wami;