Wayesethi uPilatu kubapristi abakhulu nakuzo izixuku : Angifumani cala kulo muntu.
Wathi uPilatu kuye : Iqiniso liyini na ? Eseshilo lokho wabuye waphumela kubaJuda, wathi kubo: Angifumani cala kuye.
UPilatu wabuye waphuma, wathi kubo: Bhekani, ngimkhiphela kini, ukuze nazi ukuba angifumani cala kuye.
Bathi bembona abapristi abakhulu nezikhonzi , bamemeza bathi: Mbethele, mbethele esiphambanweni! UPilatu wathi kubo : Mthatheni nina, nimbethele esiphambanweni, ngokuba angifumani cala kuye.