Esegcina ukuhamba kwakhe uJohane wathi : Lokhu enithi ngiyikho angisikho mina . Kodwa bhekani , uyeza emva kwami engingafanele ukukhumula isicathulo sezinyawo zakhe.
Uma unyawo luthi: Lokhu ngingesiso isandla, angisikho okomzimba, nokho luyikho okomzimba.
Noma indlebe ithi : Lokhu ngingesilo iso , angisikho okomzimba , nokho iyikho okomzimba.