Skip to Content

"angiyikukushiya"

6 occurrences in ZUL

Bheka, nginawe; ngiyakukulondoloza nakuphi lapho uya khona , ngikubuyisele kuleli zwe , ngokuba angiyikukushiya , ngingakakwenzi lokho engikushilo kuwe.

Akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose , kanjalo ngiyakuba nawe ; angiyikukuyeka, angiyikukushiya.

U-Eliya wathi ku -Elisha: Ake uhlale lapha , ngokuba uJehova ungithumile eBethele. Kepha u-Elisha wathi : Kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, angiyikukushiya. Behlela-ke eBethele.

U-Eliya wathi kuye: Elisha, ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJeriko. Kepha wathi: Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho , angiyikukushiya. Bafika-ke eJeriko.

U-Eliya wathi kuye : Ake uhlale lapha , ngokuba uJehova ungithumile eJordani. Kepha wathi: Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho , angiyikukushiya. Bahamba-ke bobabili.

Unina womntwana wathi : Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho , angiyikukushiya. Wayesesuka wamlandela.