Kepha nxa esefikile yena , uMoya weqiniso , uzakuniholela kulo lonke iqiniso; ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe , kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.
Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona.
Konke uBaba anakho kungokwami ; ngalokho-ke ngithe uyakuthatha kokwami, anibikele. Ukumuka nokubuya kukaJesu