UNkulunkulu uSomandla aniphe umusa ebusweni balowo muntu , ukuze anikhululele umfowenu lowo omunye kanye noBenjamini ; kepha mina, uma ngaphucwa abantwana, ngiyaphucwa.
Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade,
ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu , uYise wenkazimulo , aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena;
aniphe nina enihluphekayo ukuphumula kanye nathi ekwambulweni kweNkosi uJesu, evela ezulwini, enezingelosi zamandla akhe,