Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubuyisa izikhali zokulwa ezisezandleni zenu , enilwa ngazo nenkosi yaseBabele namaKaledi anivimbezelayo ngaphandle kogange , ngizibuthe phakathi nalo muzi.
Osala kulo muzi uyakufa ngenkemba , nangendlala, nangesifo, kepha ophumayo, aye kumaKaledi anivimbezelayo, uyakuphila, ukuphila kwakhe kube yimpango yakhe.