Aniyikwamukela esandleni sowezizwe , ninikele ngezinjalo zibe yisinkwa sikaNkulunkulu wenu , ngokuba ukonakala kwazo kukuzo , zinobulima; aniyikwamukeleka ngazo.
Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Hamba usho kumadoda akwaJuda nakwabakhileyo eJ erusalema, uthi: Aniyikwamukela ukulaywa ukuba niwalalele amazwi ami na? usho uJehova.