Ngokuba bayisizwe esimasu aso aphelile, akukho ukuqonda kubo.
Ngokuba uJehova uyakubahlulela abantu bakhe , azihawukele izinceku zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, kungekho omunye ovalelweyo noma okhululekileyo.
UJuda wathi : Amandla abathwalayo aphelile ; amabibi maningi ; asisenakuluvusa ugange.
Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini, neminyaka yami ekububuleni; amandla ami aphelile ngokona kwami, namathambo ami ancunzekile.
Ngo-Edoni. Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Akusekho ukuhlakanipha eThemani na ? Amasu aphelile kwabaqondileyo , ukuhlakanipha kwabo kunyamalele, na?
Amaqhawe aseB abele ayekile ukulwa , ahlala ezinqabeni zawo ; amandla awo aphelile , anjengabesifazane; izindlu zalo zishisiwe , imigoqo yalo yaphuliwe.