Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova , yikho umuntu aphila ngakho.
Ngaprofetha njengalokho ngiyaliwe ; umoya wangena kuwo , aphila, ema ngezinyawo zawo, impi enkulu kakhulu impela.