Skip to Content

"aphuma"

32 occurrences in ZUL

Amadodana kaNowa aphuma emkhunjini ayengoShemi, noHamu, noJafete; uHamu wayenguyise kaKhanani.

Kwathi ekupheleni kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, kwathi ngalona lolo suku , amabandla onke kaJehova aphuma ezweni laseGibithe.

Makube khona amagatsha ayisithu pha aphuma ezinhlangothini zalo , amagatsha amathathu othi lwezibani aphume kolunye uhlangothi lwalo , amagatsha amathathu othi lwezibani aphume kolunye uhlangothi lwalo.

Izimbizana ezintathu ezifaniswa nezimbali zemi-alimondi zibe kwelinye igatsha, isumpa nembali; izimbizana ezintathu ezifaniswa nezimbali zemi - alimondi zibe kwelinye igatsha , isumpa nembali; makube njalo kuwo onke amagatsha ayisithupha aphuma othini lwezibani.

kube yisumpa phansi kwamagatsha amabili , libe kunye nalo , nesumpa phansi kwamanye amagatsha amabili , libe kunye nalo , nesumpa phansi kwamanye amagatsha amabili futhi , libe kunye nalo , kube phansi kwamagatsha ayisithupha aphuma othini lwezibani.

Kwakukhona amagatsha ayisithupha aphuma ezinhlangothini zalo , amagatsha amathathu othi lwezibani kolunye uhlangothi lwalo namagatsha amathathu othi lwezibani kolunye uhlangothi lwalo.

Izimbizana ezintathu zafaniswa nezimbali zemi -alimondi kwelinye igatsh a, zinesumpa nembali; izimbizana ezintathu zafaniswa nezimbali zemi-alimondi kwelinye igatsha , zinesumpa nembali ; kwakunjalo kuwo onke amagatsha ayisithupha aphuma othini lwezibani.

isumpa phansi kwamagatsha amabili likunye nalo, nelinye isumpa phansi kwamagatsha amabili likunye nalo , nelinye isumpa phansi kwamagatsha amabili likunye nalo, kuwo onke amagatsha ayisithupha aphuma kulo.

Ama-Amori ayehlala kuleyo ntaba aphuma anihlasela , anixosha njengokwenza kwezinyosi, aninqoba eSeyiri, kwaze kwaba seHorma.

kepha kalokhu nani manilahle konke lokho, ulaka, nokuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo aphuma emlonyeni wenu;

kwathi ngesikhathi sokuvalwa kwesango lapho sekumnyama , amadoda aphuma; angazi ukuthi ayaphi lawo madoda ; sheshani niwaxoshe, ngokuba niyakuwafica.

Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane , saze saphela isizwe sonke , yiwo amadoda empi aphuma eGibithe, lokhu engalalelanga izwi likaJehova , afunga kuwo uJehova ukuthi akayikuwabonisa izwe uJehova alifungela oyise ethi uyakusinika lona , izwe elivame ubisi nezinyosi.

Kwathi inkosi yase -Ayi ikubona lokho, ashesha avuka ekuseni amadoda omuzi, aphuma ukuhlasela u -Israyeli, yona nabantu bayo , endaweni enqunyiweyo ngaphambi kwehlane ; yayingazi n okho ukuthi babekhona abayiqamekeleyo ngasemva komuzi.

Aphuma wona nawo onke amabandla awo enawo , abantu abaningi , bengangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi , namahhashi nezinqola eziningi kakhulu.

UGideyoni wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa aphuma okhalweni lwakhe, ngokuba wayenabafazi abaningi.

UJefta wabalekela abafowabo , wahlala ezweni laseThobi ; kwabuthana kuJefta amayiyane, aphuma naye.

Bobabili bazibonakalisa kulo ikhanda lamaFilisti ; amaFilisti ayesethi : Bhekani, amaHeberu aphuma emigodini acashe kuyo.

Amadodana abaprofethi ayeseBethele aphuma , aya ku -Elisha, athi kuye : Uyazi yini ukuthi uJehova uyakususa inkosi yakho kuwe namuhla na? Wathi: Yebo, ngiyakwazi; thulani.

Kwathi ngalobo busuku kw aphuma ingelosi kaJehova , yabulala ekamu labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu zodwa ezifileyo.

Amadodana kaRubeni , nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase , amadoda anamandla, amadoda aphatha ihawu nenkemba , ansala umnsalo , ayefunde ukulwa , ayeyizinkulungwane ezingamashumi amane nane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha aphuma impi.

Njengalokho aphuma esizalweni sikanina , uyakubuye amuke , ahambe ze njengasekufikeni kwakhe , engatholi lutho ngomshikashika wakhe , ahambe nalo esandleni sakhe.

Alufipha aphuma , afuna ukuhambahamba emhlabeni; yathi: Hambani, nihambahambe emhlabeni. Ayesehambahamba emhlabeni.

ukuphambuka nokumphika uJehova , nokumhlubuka uNkulunkulu wethu , nokukhuluma ukucindezela nokwambuka , nokucabanga nokukhuluma amazwi amanga aphuma enhliziyweni.

Usho kanje kimi uJehova, uthi: Hamba ume esangweni lamadodana abantu, angena ngalo amakhosi akwaJuda , aphuma ngalo futhi , nasemasangweni onke aseJerusalema,

Kepha wawusufohlwa umuzi , onke amadoda empi abaleka , aphuma emzini ebusuku ngendlela yesango phakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi -- amaKaledi ayekhona nxazonke zomuzi -- ahamba ngendlela yase - Araba.

Wathi kuwo : Ngcolisani indlu , nigcwalise amagceke ngababuleweyo . Phumani! Aphuma, abulala emzini.

Wayesengibuyisela emnyango wendlu ; bheka, amanzi aphuma phansi kombundu wendlu ngasempumal anga, ngokuba ubuso bendlu babungasempumalanga; amanzi ehla evela phansi , ohlangothini lokunene lwendlu, ngaseningizimu kwe-altare.

Ngaphambi kwakhe kuhamba isifo , amalangabi aphuma ezinyathelweni zakhe.

Kepha waph endula wathi : Kulotshiwe ukuthi : Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.

Bonke bamfakazela bemangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: Lo akasiyo indodana kaJosefa na?

Aphuma-ke amademoni kuye umuntu , angena ezingu lubeni, umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, waminza.

kepha ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke;