Ngokuba unesivumelwano namatshe asendle ; izilo zasendle zihlalisana kahle nawe.
Ukuphinga kwakho nokuyiyiza kwakho , ukukhanuka kobufebe bakho nezinengiso zakho , ngikubonile emagqumeni asendle . Maye kuwe Jerusalema! Awuyikuhlambuluka koze kube nini na?
Ungqoqwane waseLebanon i uyashiya yini amadwala asendle , namanzi aqandayo agobhoza kude ayakusha, na?
Amadodakazi alo asendle ayakubulawa ngenkemba , bazi ukuthi nginguJehova.