Wayesethi kubafowabo : Imali yami ibuyiselwe ; bhekani, isesakeni la mi. Baphela amandla, babhekana omunye nomunye bethuthumela , bethi: Kuyini lokhu uNkulunkulu asenzele khona na?
Ngiyakubonga umusa kaJehova , ngimdumise uJehov a ngakho konke uJehova asenzele khona , nokuhle okuningi phezu kwendlu ka -Israyeli ayisebenzele khona ngobubele bakhe nangobuningi bomusa wakhe.