Nichobozeleni abantu bami , nigaye ubuso babampofu , na? isho iNkosi uJehova Sebawoti. Ukulahlwa kwamadodakazi aseSiyoni
Wathi futhi uJehova: Ngenxa yokuba amadodakazi aseSiyoni eziphakamisa, ehamba elula izintamo , eqhikiza amehlo , ehamba ecokama ekuhambeni kwawo, ekhenceza ngezinyawo zawo,
ngalokho iNkosi iyakuzenza izimpandl a izinkakhayi zamadodakazi aseSiyoni, uJehova awanqunise.
Amadodana anqabileyo aseSiyoni , elingene negolide elihle , yeka ukuthiwa kwawo ayizitsha zebumba, imisebenzi yezandla zombumbi!
Makakuthumele usizo lwasendlini engcwele , akusekele ngamandla aseSiyoni.
Ngokuba abasithumbileyo bacela ukuba sihlabelele igama, nabahluphi bethu bafuna injabulo, bethi: Sihlabeleleni elinye lamagama aseSiyoni.