Skip to Content

"asheri"

44 occurrences in ZUL

Wayesethi uLeya : Yisibusiso sami ! Ngokuba izintombi ziyakungibiza ngokuthi ngingobusisiweyo, waqamba igama layo ngokuthi u-Asheri.

Amadodana kaZilipa incekukazi kaLeya ayengoGadi no -Asheri; lawo angamadodana kaJakobe awazalelwa ePhadani Aramu.

Amadodana ka -Asheri: ngoJimna, no-Ishiva, no-Ishivi, noBeriya, kanye noSera udadewabo; amadodana kaBeriya: ngoHebere noMalikiyeli.

Ku-Asheri kuvela amanoni abe ngukudla kwakhe ; uyakuveza isilovela samakhosi.

noDani, noNafetali, noGadi, no-Asheri.

Kwa-Asheri: uPagiyeli indodana ka-Okirani.

Kubantwana bakwa -Asheri, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama , kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuyo phezulu , bonke abangaphuma impi:

labo ababalwayo kubo , abesizwe sakwa-Asheri, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanye namakhulu ayisihlanu.

Abamisa eceleni kwakhe bayakuba yisizwe sakwa -Asheri; isikhulu sabantwana bakwa-Asheri siyakuba nguPagiyeli indodana ka-Okirani.

Ngosuku lweshumi nanye nguPa giyeli indodana ka -Okirani, isikhulu sabantwana bakwa-Asheri.

Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwa -Asheri kwakunguPagiyeli indodana ka-Okirani.

Owesizwe sakwa-Asheri: uSethuru indodana kaMikayeli.

Amadodana ka -Asheri ngemindeni yawo : kwaJimna: ngumndeni wakwaJimna; kwaJishiwi: ngumndeni wakwaJishiwi; kwaBeriya: ngumndeni wakwaBeriya.

Igama lendodakazi ka-Asheri lalinguSera.

Yileyo eyimindeni yamadodana ka -Asheri ngokwababalwayo kubo , izinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.

Esizweni sabantwana bakwa Asheri : yisikhulu u -Ahihudi indodana kaShelomi.

laba bayakuma entabeni yase -Ebali babe ngabokuqalekisa : oRubeni, noGadi, no-Asheri, noZebuloni, noDani, noNafetali.

Ngo-Asheri wathi: U-Asheri makabusiswe phezu kwabantwana , amukeleke kubafowabo, acwilise unyawo lwakhe emafutheni.

Umkhawulo kaManase wasuka kwa-Asheri, waya eMikemetha elingaphambi kweShekemi; umkhawulo wawusuya ngakwesokunene kwabakhileyo e -Eni Taphuwa.

okwaseningizimu kwakungokuka -Efrayimi, okwasenyakatho kwakungokukaManase, ulwandle lwalungumkhawulo wakhe ; bafinyelela kwa-Asheri ngasenyakatho nakwa-Isakare ngasempumalanga.

Kwa-Isakare nakwa-Asheri uManase wabelwa iBeti Sheyani kanye nemizana yalo, neJibileyamu kanye nemizana yalo, nabakhileyo eDori kanye nemizana yalo, nabakhileyo e-Eni Dori kanye nemizana yalo , nabakhileyo eThahanaki kanye nemizana yalo , nabakhileyo eMegido kanye nemizana yalo eyizimpakama ezintathu.

Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwa -Isakare ngemindeni yabo , imizi kanye nemizana yayo. Isabelo sakwa-Asheri

Inkatho yesihlanu yadla isizwe sabantwana bakwa-Asheri ngemindeni yabo.

Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwa-Asheri ngemindeni yabo, leyo mizi kanye nemizana yayo. Isabelo sakwaNafetali

umkhawulo wawusujika ngasentshonalanga , waya e -Azinoti Thabori ; waphuma lapho , waya eHukoki ; wafinyelela kwaZebuloni ngaseningizimu , wafinyelela kwa -Asheri ngasentshonalanga nakwaJuda ngaseJordani ngasempumalanga.

Abantwana bakwaGereshoni babelwa emindenini yesizwe sa kwa-Isakare, nasesizweni sakwa -Asheri, nasesizweni sakwaNafetali , nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase eBashani imizi eyishumi nantathu.

Esizweni sakwa-Asheri: iMishali namadlelo alo, ne-Abidoni namadlelo alo,

U-Asheri akaxoshanga abakhe e -Ako, nabakhe eSidoni , nase-Ahlabi, nase- Akizibi, naseHelba, nase-Afiki, naseRehobe;

kepha ama-Asheri ahlala phakathi kwamaKhanani ayakhe kulelo zwe , ngokuba abawaxoshanga.

UGileyadi wahlala pheshey a kweJordani; uDani walibalelani emikhunjini na? U-Asheri wahlala ngasogwini lolwandle, wasala ngasemathekwini akhe.

Wathuma izithunywa kulo lonke lakwaManase , nabo babuthana , bamlandela; wathuma izithunywa ku -Asheri, nakuZebuloni, nakuNafetali, bakhuphuka ukuba babahlangabeze.

Amadoda akwa -Israyeli ayebuthene evela kwaNafetali , nakwa-Asheri, nakulo lonke lakwaManase, abaxosha abakwaMidiyani.

noBahana indodana kaHushayi kwa-Asheri nase-Aloti,

noDani, noJosefa, noBenjamini, noNafetali, noGadi, no-Asheri.

namadodana kaGereshomu ngemindeni yawo esizweni sakwa -Isakare, nasesizweni sakwa -Asheri, nasesizweni sakwaNafetali , nasesizweni sakwaManase, eBashani, imizi eyishumi nantathu,

nasesizweni sakwa -Asheri iMashali namadlelo alo , ne-Abidoni namadlelo alo,

Amadodana ka -Asheri: ngoJimna, no-Ishiva, no-Ishivi, noBeriya, kanye noSera udadewabo.

Bonke labo babe ngabantwana baka -Asheri, izinhloko zezindlu zawoyise , amaqhawe akhethekileyo anamandla , izinhloko zezikhulu . Umumo wabo ubhalwe ngezizukulwane zabo ukuba balwe empini wawungabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesithupha.

Ku-Asheri abangaphuma impi , bayihlele impi , yizinkulungwane ezingamashumi amane.

Kepha abathile babakwa-Asheri nabakwaManase nabakwaZebuloni bazithoba, beza eJerusalema.

Ngasemkhawulweni wakwaDani, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, u-Asheri uyakuba nesabelo.

Ngasemkhawulweni wakwa -Asheri, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga , uNafetali uyakuba nesabelo.

Ohlangothini lwasentshonalanga yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, namasango azo amathathu: elinye yisango lakwaGadi, elinye yisango lakwa-Asheri, elinye yisango lakwaNafetali.

esizweni sakwa -Asheri abayizinkulungwane eziyishumi nambili , esizweni sakwaNafetali abayizinkulungwane eziyishumi nam bili, esizweni sakwaManase abayizinkulungwane eziyishumi nambili,