Asinaye ubaba munye thina sonke ? Asidalwanga nguNkulunkulu munye na? Sikhohlisanelani, kube yilowo nomfowabo , sisingcolisa isivumelwano sawobaba na?
Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.