Skip to Content

"asondela"

6 occurrences in ZUL

Asondela-ke encekwini yendlu kaJosefa , akhuluma kuyo ngasemnyango wendlu,

Asondela phambi kuka -Eleyazare umpristi , naphambi kukaJoshuwa indodana kaNuni , naphambi kwezikhulu , athi: UJehova wamyala uMose ukuba asinike ifa phakathi kwabafowethu. Wayesewanika ifa phakathi kwabafowabo bakayise njengesiyalezo sikaJehova.

Ikamelo elibheke ngasenyakatho ngelabapristi abagcina inkonzo yase - altare; bangamadodana kaSadoki aphakathi kwamadodana kaLevi , asondela kuJehova ukumkhonza.

USamuweli esanikela ngomnikelo wokushiswa, amaFilisti asondela ukulwa no-Israyeli; kepha uJehova waduma ngokuduma okukhulu phezu kwamaFilisti ngalolo suku, wawangquzula, abulawa phambi kuka-Israyeli.

Amadodana abaprofethi ayeseJeriko asondela ku -Elisha, athi kuye: Uyazi yini ukuthi uJehova uyakususa inkosi yakho kuwe namuhla na? Wathi: Yebo, ngiyakwazi; thulani.

Asondela, akhuluma phambi kwenkosi ngesiyalezo senkosi , athi: Asithi ulobile isiyalezo sokuthi yilowo nalowo ocela nakumuphi unkulunk ulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu , kuphela kuwe nkosi , uyakuphonswa emphandwini wezingonyama na ? Inkosi yaphendula yathi : Iqinisile leyo nto ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.