Nina zintaba ezineziqongo , yini ukuba niyibuke ngomhawu intab a uNkulunkulu athanda ukuhlala kuyo na ? Yebo, uJehova uyakuhlala kuyo kuze kube phakade.
Amandla eNkosi athanda okulungileyo , umisile ubuqotho ; ukwahlulela nokulunga ukwenzile kwaJakobe.
ngenxa yobukhulu owamnika bona , bonke abantu , nezizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe ; athanda ukumbulala wambulala , athanda ukumyeka wamyeka ; athanda ukumphakamisa wamphakamisa, athanda ukumthobisa wamthobisa.
Ngakho uhawukela lowo athanda ukumhawukela , umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.
okubona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yaleyo mfihlakalo phakathi kwabezizwe, enguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo;