Kepha izinceku zikaFaro zathi kuye : Lo muntu uzakuba lugibe kuze kube nini na? Bavumele abantu ukuba bahambe bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo. Awukwazi ukuthi iGibithe seliyashabalala na?
Abantu abayizinkulungwane ezintathu bakwaJuda behlela ofantwini lwedwala lase -Etamu, bathi kuSamsoni : Awukwazi yini ukuthi amaFilisti abusa phezu kwethu na ? Kuyini, pho, lokho okwenzile kithina na ? Wathi kubo: Njengalokho benza kimi, ngenze njalo kubo.
Bheka, manje kubusa u-Adoniya; wena nkosi yami, nkosi, awukwazi;
Ungazigabisi ngolwakusasa, ngokuba awukwazi okungavela ngosuku.
Yabela abayisikhombisa nabayisishiyagalombili , ngokuba awukwazi okubi okuyakuba semhlabeni.
Awukwazi yini ukuba lokhu kungokwasendulo , selokhu abantu babekwa emhlabeni,
UJesu waphendula, wathi kuye: Wena ungumfundisi ka-Israyeli, awukwazi lokhu na?
UJesu waphendula , wathi kuye : Lokhu engikwenzayo awukwazi manje , kodwa uzakukuqonda emva kwalokhu.