UFaro wayesembiza u -Abrama, wathi: Kuyini lokho okwenze kimi na ? Awungitshelanga ngani ukuthi ungumkakho na?
Kepha u -Abimeleki wathi : Angazi ukuthi kwenziwe ngubani lokhu ; nawe awungitshelanga, nami angikuzwanga kuze kube namuhla.
UmkaSamsoni wakhala phambi kwakhe , wathi: Uyangizonda kuphela , awungithandi; unikile abakithi imfumbe, awungitshelanga yona. Wathi kuye: Bheka, angibatshelanga ubaba nomame, ngiyakukutshela wena na?
Wayesethi kuye: Ungasho kanjani ukuthi uyangithanda, nxa inhliziyo yakho ingenami na ? Usudlale ngami kathathu , awungitshelanga ukuthi amandla akho aphi.