Skip to Content

"awushise"

8 occurrences in ZUL

Umpristi awulethe e -altare, awushumpule inhloko, awushise e-altare, igazi lawo likhanyelwe ngasohlangothini lwe-altare,

awuqaqe ngamaphiko awo , angawudabuli kodwa ; umpristi awushise e - altare phezu kwezinkuni ezisemlilweni , ube ngumnikelo wokushiswa , umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.

awulethe kumadodana ka -Aroni, abapristi, acaphune kuwo ngokhweshe wempuphu ecolekileyo yawo nowamafutha awo, kanye nayo yonke inhlaka yawo, umpristi awushise ube yisikhumbuzo sawo e-altare, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova;

umpristi uyakucaphuna ukhweshe womnikelo wempuphu , ube yisikhumbuzo sawo, awushise e -altare, andukuba amphuzise owesifazane amanzi.

U-Abimeleki wafika embhoshongweni, walwa nawo, wasondela emnyango wombhoshongo ukuba awushise ngomlilo.

AmaKaledi alwa nalo muzi ayakufika , awuthungele lo muzi ngomlilo , awushise kanye nalezo zindlu abashisele uBali impepho phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa ukuba bangicunule.

AmaKaledi ayakubuya, alwe nalo muzi, awuthathe, awushise ngomlilo.

kepha uma ungaphumi uye ezikhulwini zenkosi yaseBabele , lo muzi uyakunikelwa esandleni samaKaledi , awushise ngomlilo , ungaphunyuki esandleni sabo.