Ngithi kuwe: Awusoze waphuma khona, uze ukhokhe ifadingi lokuphela.
UPetru wathi kuye : Awusoze wageza izinyawo zami naphakade . UJesu waphendula wathi: Uma ngingakugezi, awunasabelo nami.
Izwi lababetha ihabhu nelabahlabeleli nelababetha imitshingo namacilongo alisoze laphinda lizwakale kuwe , namuphi umlumbi noma owaluphi uhlobo akasoze wafunyaniswa kuwe , nomsindo wetshe lokusila awusoze wabuye uzwakale kuwe,