Phakathi kwalezo zizwe awuyikuthola ukuthula , kungabikho kuphumula ematheni onyawo lwakho , kepha uJehova uyakukunika khona inhliziyo eqhaqhazelayo, nokuphela kwamehlo, nokudangala komphefumulo,
Wathi: Awusayikujabula wena ntombi ehlazisiweyo, ndodakazi yaseSidoni; vuka, uwelele eKitimi; nalapho awuyikuthola ukuphumula.