Ngabanika izimiso zami , ngabazisa izahlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza.
Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; abahambanga ngezimiso zami, balahla izahlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza ; amasabatha ami bawona kakhulu; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo ehlane ukuba kubaqede.
Kepha abantwana bangihlubuka , abahambanga ngezimiso zami , abagcinanga izahlulelo zami ukuba bazenze , umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; bawona amasabatha ami ; ngase ngithi ngiyakuthulu la ukufutheka kwami phezu kwabo, ngifeze intukuthelo yami kubo ehlane.
Kepha waph endula wathi : Kulotshiwe ukuthi : Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.