Amadoda akho ayakuwa ngenkemba namaqhawe akho ngokulwa.
Yisho kuyo indlu yakwa -Israyeli, uthi: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngiyakuyingcolisa indlu yami engcwele, ukuziqhenya kwamandla enu, okunxanelekayo emehlweni enu , okuhawukelwa ngumphefumulo wenu ; amadodakazi enu eniwashiyile ayakuwa ngenkemba.
Ngalokho usho kanje uJehova , uthi: Umkakho uyakufeba emzini , namadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba, nezwe liyakudatshulwa ngentambo; wena uyakufela ezweni elingcolileyo , u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.
ngigumbuqele isihlalo sobukhosi semibuso , ngichithe amandla emibuso yabezizwe, ngigumbuqele izinqola nabakhwela kuzo ; namahhashi ayakuwa nezinkweli zawo, kube yileyo naleyo ngenkemba yomfowabo.